u-AB ubeka ama-Proteas ngaphambili

PORT ELIZABETH, SOUTH AFRICA - MARCH 10: AB de Villiers of South Africa celebrates scoring a half century during day 2 of the 2nd Sunfoil Test match between South Africa and Australia at St Georges Park on March 10, 2018 in Port Elizabeth, South Africa. (Photo by Ashley Vlotman/Gallo Images)

PORT ELIZABETH, SOUTH AFRICA - MARCH 10: AB de Villiers of South Africa celebrates scoring a half century during day 2 of the 2nd Sunfoil Test match between South Africa and Australia at St Georges Park on March 10, 2018 in Port Elizabeth, South Africa. (Photo by Ashley Vlotman/Gallo Images)

u-AB de Villiers uphule ukulawula kwabaphosayo be-Australia ukushaya ama-Standard Bank Proteas aze abe ngaphambili kwi-innings yokuqala osukwini lesibili lomdlalo we-Sunfoil Test wesibili e-St. George’s Park.

Ama-Proteas ahlangane nomshikashika nokho i-night watchman u-Kagiso Rabada esize u-Dean Elgar banezezele ngama-runs angu-45 nge-wicket yesibili futhi ne-partnership ye-wicket yesithathu yama-runs angu-88 phakathi kwa-Elgar no-Hashim Amla.

Bobabili abadlali abagcinile bathole o-50 (Elgar 57 off 197 balls, 6 fours and no-Amla 56 off 148 balls, also 6 fours) kodwa ama-Proteas akwaze ukuthola ama-runs angu-43 kuma-overs angu-26 kwi-session ephakathi nendawo.

Kodwa u-De Villiers washintsha uhambo lomdlalo njengoba am-Proteas ehlanganise ama-runs angu-110 kwi-session yokugcina futhi, nokho belahlekelwe ama-wicket amahlanu bakwazi ukunweba ukuba ngaphambi ngama-runs angu-20 ekupheleni kosuku.

u-De Villiers ufike ekupheleni kosuku ku-74 (81 balls, 14 fours) futhi kukhona no-Vernon Philander eshaya naye ukudlulisa ukuba ngaphambili kwizinombolo ezintathu ama-Proteas azoyifuna.

Abaphosa nge-seam kwi-Australia bayisebenzise kahle i-reverse swing isikhathi esiningi kwi-session yesibili neyesithathu ukubekel abashayayo imbuzo enzima ngaphambi kokuthi u-Steve Smith athathe ibhola elisha lesibili kusele ama-overs adlulile kwamahlanu kuphele usuku.

u-De Villiers uphethe amandla kumdlalo ezandleni zakhe zesipho njengoba kungewona ama-seamers wodwa atholayo kwisimo. Udlale nendima enkulu ophosa nge-spin u-Nathan Lyon okhiphe u-Quinton de Kock ngebhola elithole i-turn ne-bounce. Ama-Proteas angeke afune ukujaha umphumela omkhulu kwi-innings yesine.

u-Pat Cummins (2/55) uphose kahle kwi-Australia kwathi u-Mitchell Marsh (2/26 in 9 overs) udlale njenge-seamer yesine osukwini lapho izivakashi bekumele bachithe sonke isikhathi enkundleni yokudlala.