u-Rabada uwaqalisa kahle ama-Proteas nge-‘fifer’ yakhe yesishagalombili

PORT ELIZABETH, SOUTH AFRICA - MARCH 09: Kagiso Rabada of South Africa celebrate during day 1 of the 2nd Sunfoil Test match between South Africa and Australia at St GeorgeÕs Park on March 09, 2018 in Port Elizabeth, South Africa. (Photo by Ashley Vlotman/Gallo Images)

PORT ELIZABETH, SOUTH AFRICA - MARCH 09: Kagiso Rabada of South Africa celebrate during day 1 of the 2nd Sunfoil Test match between South Africa and Australia at St GeorgeÕs Park on March 09, 2018 in Port Elizabeth, South Africa. (Photo by Ashley Vlotman/Gallo Images)

u-Kagiso Rabada udlale i-spell sokuhlukumeza, ukushesha kanye nekhono ngapha nangale kwekhefu letiye ukuwaqalisa kahle ama-Standard Bank Proteas osukwini lokuqala lomdlalo wesibili we-Sunfoil Test e-St. George’s Park ngoLwesihlanu.

Ama-Proteas, adinga ukunqoba ukuze alinganise i-series yemidlalo emine, bebengakujabulela ukukhipha i-Australia ngaphakathi kosuku lwanamhlanje futhi nokuqala ngama-runs angu-39 kuphume u-Aiden Markram kuphela ekupheleni kosuku lokuqala.

i-Australia, enqobe i-toss, ibukeke imekahle kwi-pitch enomdlandla emuva kokuthi u-David Warner no-Cameron Bancroft behlanganise ama-runs angu-98 kwi-wicket yokuqala no-Steve Smith no-Shaun Marsh behlanganise ama-runs angu-44 nge-wicket yesine.

Kodwa konke kushintshile ngesikhathi u-Rabada ebuyela ezohlasela. Emuva kokuphosa i-over eyodwa ngase-Duckpond End ushintshile waphosa ngase-Park Drive end futhi, waqala nge-wicket ka-Smith, wadlulela kwabashaya phakathi nendawo kanye nomsila. Kukho konke uthole u-5/36 kuma-overs ayisishagalombili kodwa uthathe lama-wicket amahlanu emabholeni angu-18 ngama-runs angu-13. Ngesinye isikhathi uthole u-4/8 emabholeni ayisikhombisa futhi wabanethuba lokuthola i-hat trick emuva kokukhipha u-Mitchell Marsh no-Pat Cummins emabholeni alandelanayo.

Kube i-five-wicket haul yesishagalombili ka-Rabada kwi-Test yakhe yesi-28 futhi neyesibili edlala ne-Australia.

Ebesekelwe kahle u-Vernon Philander no-Lungi Ngidi, okhethiwe kuno-Morne Morkel lona lodwa ushintsho kuma-Proteas, abathathe ama-wicket amahlanu phakathi kwabo.

Lokhu kuvumele ama-Proteas ukuthi athole u-5/72 kwi-session yesibili no-4/73 kweyokugcina. Okodwa mhlawumbe okubaphoxile ukuthi umsila wabo ukwazile ukuqhuba isikhathi kuma-wicket amathathu okugcina ehlanganisa ama-runs angu-73 atholwe emuva kwekhefu letiye.

u-Warner (63 off 100 balls, 9 fours) uyena kuphela oshayela i-Australia odlulile ku-50.

u-Rabada uqede no-5/96 kuma-overs angu-21, u-Philander no-2/25 kuma-overs angu-18 no-Ngidi no-3/51.

u-Rabada uphinde wadlala kahle njenge-night watchman ukudlulisa iqembu lakhe kwimizuzu engu-20 ngaphandle kokuthi kuphume omunye umuntu.

i-Sunfoil Education Trust ithole u-R69 500 ngama-boundaries no-six kanye nama-wicket akhishwe iwona womabili amaqembu osukwini lokuqala.