u-Du Plessis ufuna kukhulume ikhilikithi

Standard Bank Proteas Test captain, Faf du Pessis,

Standard Bank Proteas Test captain, Faf du Pessis,

Ukapteni wama-Standard Bank Proteas, u-Faf du Plessis, uthi isikhathi sokuthi iqembu lakhe licacise ngemidlalo yabo kumdlalo wesibili we-Sunfoil Test bedlala ne-Australia ezoqala e-St. George’s Park ngoLwesihlanu. u-Du Plessis uthi iqembu lizoqhubeka nenhlobo ‘enhle’ yekhilikithi okuhamba phambili seloku aba ukapteni, okuzanyiwe futhi kwahlolwa okuthole imiphumela emuva.

“Umdlalo omkhulu kithina,” esho e-Port Elizabeth ngoLwesine. “Kumele senze isiqiniseko sokuthi kukhuluma ikhilikithi yethu. Sesikhulumile emuva kwezicabha ngezimfundo esizitholile futhi nokuzama ukwenza kangcono. Kukhulu kithina, kumele sibenesiqiniseko sokuthi siyabuyela kwi-series ngo-1-1.”

“Njengokapteni weqembu asibheki lowomugqa,” esho. “Asibheki ukuthola okuphakathi nendawo. Sizama ukudlala ikhilikithi enhle okuvela emzimbeni futhi kanye nohlobo lokuqina lokubuka indoda emehlweni futhi umazise ukuthi ufikele ukudlala kanye nokuqhudelana. Asilona iqembu elizodlala emugqeni uma kukhulunywa ngokukhuluma, sifuna kukhulume ikhilikithi.”

“Ngihlonipha wonke amaqembu esidlalanawo,” esho echaza. “Uhlono lokudlala olufika nenqembu uhlobo lokudlala ukuthi abakholwa ukuthi badinga ukudlala ngakho. Uma udlala ne-New Zealand, izinsizwa ezikahle futhi banobungani, abakholelwa ekutheni kumele badlala ngaleyandlela. Bayiqembu elithola umphumela kwindlela abadlala ngayo. Sicishe sifane njengeqembu. Njengokapteni angikuboni ukubaluleka kulokhu okushoyo ngaphandle kwenkundla yokudlala kuba nomthelela kulokhu eninakho njengeqembu.”

Ukapteni udlala umdlalo wakhe we-Test wesi-50 bedlalela i-South Africa, ehlangana no-Hashim Amla (114), u-AB de Villiers (111), u-Vernon Philander (51) no-Morne Morkel (84) kwiqembu lamanje eselafika lapho. Ukufika khona kuzokhumbuza u-Du Plessis – kanye nabanye abadlali abakhulile – kokubaluleka kokwenza isipiliyoni sabo kanye nolwazi kudlale indima ezikhathini ezinkulu.

“Ngiyohlezi ngiyindoda yokuqala ethi kuma-series amakhulu udinga abadlali bakho abakhulu ukuthi basukume,” esho. “Akukho ukuphika ukuthi abadlali abakhulu abadlalanga kahle kwi-Test yokuqala futhi yileso isizathu esenza kunqobe i-Australia. Kulula kanjalo kimina. Akukona ukuncika kubadlali abancane ukuthi badlale kahle, sidinga wonke umuntu adlale indima yakhe, ikakhulukazi emidlalweni emikhulu, kodwa udinga ukuthi abadlali abakhulile bathole ama-runs.”

Ama-Proteas abuyela enkundleni abadlala kahle kuyona i-St. George’s Park, lapho bengakazi bahlulwe emdlalweni kusukela ngo-2007. Ama-Proteas ahlula i-Australia ngama-runs angu-231 okokugcina lamaqembu amabili ehlangana kulenkundla ngo-2014.

Umdlalo uzoqala ngo-10h00. Amathikithi omdlalo angatholakala ku-www.ticketpros.co.za



Match Broadcast Details

SuperSport 2 Channel 202 09h00 (CAT)


SABC 3 09h30

Radio 2000 10h00

Facebook - www.facebook.com/cricketsouthafrica

Twitter - OfficialCSA

Hashtags: #ProteaFire #SAvAUS