u-Faf udumele kodwa uyaziqhenya ekulweni kweqembu

 Ottis Gibson (Coach of the Proteas) and Faf du Plessis of the Proteas

Ottis Gibson (Coach of the Proteas) and Faf du Plessis of the Proteas

Ukapteni wama-Standard Bank Proteas, u-Faf du Plessis, uthi uthatha ukuziqhenya kwisimilo kanye nokulwa ukutshengiswe abadlali bakhe behlulwa ngama-runs angu-118 bedlala ne-Australia kumdlalo wokuqala we-Sunfoil Test e-Sahara Stadium Kingsmead ngoMsombuluko. Ama-Proteas alwile ngebhola nangokushaya kwi-innings yesibili ukuthatha umdlalo kusuku lwesihlanu, kumzamo ukapteni uncomile emuva komdlalo ophoxayo kwi-innings yokuqala.

u-Du Plessis uchaze ukuhlulwa ‘ukuphoxa’, kodwa ukholwa ukuthi iqembu lizothatha izifundo kwisipiliyoni kumdlalo wesibili we-Test ozoqala e-St. George’s Park e-Port Elizabeth ngoLwesihlanu.

“Kuphoxe kakhulu,” ekhuluma emuva komdlalo. “Besithanda ukuyiqala kahle i-series. Maningi amathuba okufunda kule-Test kuyelaphambili. Abaphosayo badlale kahle kule-Test, womabili amaqembu ebeku-160 kuphume abahlanu kwamane ama-innings ngakho ukufunda esingakuthatha ukufaka umsila ngaphansi kwencindezi. Uma ubabheka (i-Australia), uma sebedlulile kubadlali bethu abashaya phezulu kube lula ukuthi badlule kumsila.”

“Kuzomele sizikhandle ngokushaya,” esho echaza. “Uma uthola ithuba lokuthola ama-runs kumele wenze okukhulu. Ngiyaziqhenya ngesimilo, amaqembu amaningi asendaweni yamandla kumdlalo we-Test amanye amaqembu ebezofika osukwini lesine futhi bahlushwe usuku lonke. Bekukuhle ukubona ukulwa kubadlali bethu abaphosayo ngoMgqibelo ukubakhipha ngo-200. Asiqalanga kahle ngokushaya kodwa bakhombisa isimilo esikhulu kubadlali abancane okuyiqale kahle i-series yabo.”

Umsebenzi wabadlali abangenaso isipiliyoni nabadlali abancane abashayayo bagqamile nokho behluliwe, ikakhulukazi ukukhula kanye nokuqina emqondweni okukhonjiswe ovula ngokushaya u-Aiden Markram. u-Du Plessis ukholwa ukuthi u-Markram othole i-career best yakhe kumgqugquzele ngokuzithemba kanye wakholwa kuyoze kuphele i-series.

“Udlale kahle impela,” ekhuluma ngo-143 ka-Markram. “Kusho okuningi ngesimilo sakhe. Udlule esikhathini esinzima kuma-one-day kudlalwa ne-India futhi umuntu umbheka ngokuthi isukuma kanjani ezikhathini ezinzima. I-run-out phakathi kwakhe no-AB (de Villiers) ibizohlala engqondweni yakhe, futhi i-Australia ibizama ukufaka incindezi kuyena ngalokho. Ukudlula lapho kusho okuningi ngomdlali omncane, ukukholwa akade enakho ngaphakathi kwakhe. Siyalazi ithalente analo njengomdlali oshayayo futhi kuhle ukumbona ethola ikhulu kuma-Test.”



The squad will travel to Port Elizabeth on Tuesday ahead of the second Sunfoil Test match starting on Friday. Details of the training and media schedule are below:

Tuesday, 6 March

South Africa travel to Port Elizabeth and have no training or media activities scheduled.

Wednesday, 7 March

South Africa will hold a practice session at St George’s Park from 14h00 – 17h00.

A player will be made available to the media before training at 13h30.

Thursday, 8 March

South Africa will hold a practice session at St George’s Park from 09h30 – 12h30.

Faf du Plessis will hold his pre-match press conference at approximately 12h00 after practice. Media are advised to arrive early in case practice finishes early.


Friday, 9 March – Tuesday, 13 March

2nd Sunfoil Test Match

South Africa v Australia, St George’s Park 10h00