u-Starc onengozi usondeza i-Australia ekunqobeni emuva kwekhulu lika-Markram

Quinton de Kock congratulations Aiden Markram

Quinton de Kock congratulations Aiden Markram

u-Mitchell Starc uqedile ngomsila we-South Africa nge-reverse swing enegozi okwesibili emdlalweni ngaphambi kokunqatshelwa i-hat trick kanye ne-10-wicket haul ukukhanya okubi kubusuke besine bomdlalo wokuqala we-Sunfoil Test phakathi kwama-Standard Bank Proteas ne-Australia e-Sahara Stadium Kingsmead ngeSonto.

u-Starc ukhiphe ama-wicket amathathu emabholeni amahlanu ukuqeda i-over yakhe yesi-16 ukushiya ama-Proteas elahlekelwe ama-wicket ayisishagalolunye futhi esalelwe ama-runs adlulile kwikhulu ukuza anqobe kumphumela ongu-417 kodwa o-umpire bathe ukukhanya kubi ukuthi kuphose abasheshayo kwamele kuphose u-Nathan Lyon no-Steve Smith kuze kuphele usuku.

Ama-Proteas aqede usuku ku-293/9 u-Quinton de Kock engaphumile ku-81 (138 balls, 11 fours) obulele efomini no-Morne Morkel ovimbe amabhola angu-27.

Amaqembu azobuyela usuku lwesihlanu i-Australia idinga i-wicket eyodwa ukuze anqobe nama-Proteas esalelwe ama-runs angu-124.

Ama-Proteas azozisola ngokushaya okuphoxile kwi-innings yokuqala okubone ukuthi basale ngama-runs angu-189. Kodwa babuyise isithunzi ngokulwa kwi-innings yesibili kodwa bazithole ku-49/4 kwihora lokuqala u-Hashim Amla, u-AB de Villiers no-Faf du Plessis beyohlangana no-Dean Elgar emuva.

Isikhathi esiningi osukwini bekuphethe abashayayo bakusasa be-South Africa njengoba umdlali oneminyaka engu-23 u-Aiden Markram oseziveze njengomdlali oncomekayo emhlabeni nge-innings yama-runs angu-143 (218 balls, 19 fours) okulinganile ne-career best yakhe edlala ne-Bangladesh ngasekuqaleni kwe-season. Kube ikhulu lakhe lama-Test futhi, njengo-Jacques Kallis, wathola ikhulu lakhe lokuqala edlala ne-Australia kumdlalo wakhe we-Test wesikhombisa kumsebenzi wakhe.

Uphinde waqeda isomiso esikhathazayo sama-Proteas okubabone behluleka ukuthola ikhulu kuma-series adlulile amakhulu bedlala ne-India futhi lalodwa bedlala ne-England onyakeni odlulile.

Ukusekelwa kufike kubadlali ababili abaneminyaka engu-25, u-Theunis de Bruyn no-De Kock, abahlanganise ama-partnership angu-87 nge-wicket yesihlanu no-147 nge-wicket yesithupha ngokulandelana kwabo.

Kukhona nomunye umdlali oshayayo omncane, u-Temba Bavuma, engadlali ngoba elimele abakhethayo kuma-Proteas bayazi ukuthi ikusasa libikeka kahle uma abadlala manje bethatha umhlalaphansi.

Mhlawumbe isibalo esihle osukwini lwesine kube ukwehluleka kwa-Nathan Lyon ukuthola i-wicket nokho akubanga nendaba njengoba u-Starc neqembu lakhe eliphosa ngokushesha bawenzile umsebenzi.

Ngokuqhathaniswa, u-Keshav Maharaj uthathe ama-wicket akade esele kwi-innings yesibili ukuze athole ama-career best figures akhe angu-9/225 kuma-overs angu-63.2.

Ama-Proteas akhombisile ukuthi akulindele ukuqhudelana ne-Australia futhi ukuthi i-series yama-Test amane kusho ukuthi bazobe namathuba amaningi ukubuyela kwi-series.