u-AB ubambelela yedwa njengoba i-Australia ihamba phambili

DURBAN, SOUTH AFRICA - MARCH 02: AB de Villiers of the Proteas during day 2 of the 1st Sunfoil Test match between South Africa and Australia at Sahara Stadium Kingsmead on March 02, 2018 in Durban, South Africa. (Photo by Lee Warren/Gallo Images)

DURBAN, SOUTH AFRICA - MARCH 02: AB de Villiers of the Proteas during day 2 of the 1st Sunfoil Test match between South Africa and Australia at Sahara Stadium Kingsmead on March 02, 2018 in Durban, South Africa. (Photo by Lee Warren/Gallo Images)

i-Australia ibambe kwaqina kumdlalo wokuqala we-Sunfoil Test kudlalwa e-Sahara Stadium Kingsmead ngoLwesihlanu njengoba ama-Standard Bank Proteas ehlulekile ukugwema umphumela we-follow on futhi basondele kumphumela wokuqala wezivakashi osukwini lwesibili.

u-AB de Villiers umeyedwa njengoba engekho omunye umdlali oshayayo ohlale isikhathi eside ozohlanganisa i-partnership naye.

Umonakalo wokuqala wenziwe ukuphosa nge-spin u-Nathan Lyon bese kwaba ikhono lika-Mitchell Starc le-reverse swing ngebhola elindala.

u-De Villiers uphucwe ithuba lokuthola ikhulu lakhe lesithupha edlala ne-Australia njengoba ephelelwe azoshaya nabo (71 runs off 127 balls, 11 fours) njengoba ama Proteas ekhushwe wonke enama-runs angu-162 kuma-overs angu-51.4. Okushiye ama-Proteas nama-runs angu-189 kwi-innings yokuqala, i-Australia izoqala i-innings yabo yesibili ekuqaleni kosuku lwesithathu kusasa ekuseni.

u-Aiden Markram uthole u-32, ama-runs esibili amakhulu kuma-Proteas.

u-Starc uqede i-innings eno-5/34 kuma-overs angu-10.4 kwathi u-Lyon wathola u-3/50.

u-Starc ube nomdlalo omuhle njengoba i-partnership ye-wicket yesishagalombili yama-runs angu-49 no-Mitchell Marsh idlale indima enkulu.

Njengoba u-Marsh eshodelwe ama-runs amane ukuthola ikhulu lakhe lesithathu kuma-Test (96 off 173 balls, 13 fours, 1 six) i-Australia ikwaze ukuhlanganisa ama-runs angu-100 kuma-partnership amathathu okugcina futhi lokho kwenze umehluko omkhulu kabi kumphumela ama-Proteas abhekene nawo. Umphumela ongu-351 ubungaphezulu kancane kwe-par, uma ucabanga ubuholoholo be-pitch kanye i-spin ebesikhona umdlalo wonke.

u-Keshav Maharaj uthole i-five-wicket haul yakhe yesine (5/123 kuma-overs angu-33.4) futhi akuthukwanga ngesikahthi u-Steve Smith ephosisa u-Lyon kubahlaselayo kwi-Australia ngasekuqaleni kwe-over yesishagalombili. Usheshe wathola impumelelo, wakhipha u-Dean Elgar no-Hashim Amla emabholeni awaphosile okuqala amahlanu futhi ama-Proteas awaphindanga abuyela esimeni.

i-Sunfoil Education Trust (SET) okwamanje isathole u-R132 000 ezinsukwini zokuqala ezimbili zomdlalo. Lokhu umphumela ovele kuma-boundaries no-six okushayiwe kanye ngama-wicket akhishwe iwona womabili amaqembu.