Ama-Proteas esifazane alindele ukulinganisa i-T20 series

Momentum Proteas all-rounder Chloe Tryon

Momentum Proteas all-rounder Chloe Tryon

Ama-Momentum Proteas alungele omunye umdlalo okumele bawunqobe uma bebhekana ne-India kwi-Cricket South Africa (CSA) Women’s T20 e-SuperSport Park ngoLwesithathu. I-India ingaphambili kwalemidlalo emihlanu ngo-2-1 i-South Africa izimisele ukulinganisa umqhudelwano emuva kokunqoba ngama-wicket amahlanu e-Bidvest Wanderers ngeSonto.

u-Chloe Tryon, uqhubekile nokushaya kakhulu uphinde wadlala indima ekuphumeleleni kweqembu lakhe, washaya ama-runs angu-34 emabholeni angu-15 ukusiza bahlule izivakashi. Uyavuma ukuthi ukushaya ngamandla ingxenye ayithandayo uma eqeqeshwa futhi uyazithanda izimo ezinencindezi.

“Bengilungiselela kahle,” kusho u-Tryon. “Bengisebenza kanzima ngasekushayeni futhi nokuba nomqondo omuhle uma ngiyodlala. Ngiyakuthanda ukuba ngaphansi kwencindezi uma ngiyoshaya futhi ngiyakuthanda uma iqembu lingaphansi kwencindezi, kunqiphoqela ekutheni ngehlise umoya futhi ngenze lokhu engikwenza kahle. ”

Usabheke ukuguqula o-30 no-40 bakhe ukuba u-50 kweqele ngale, kodwa okwamanje, u-Tryon unezelekile ngokudlala indima ekunqobeni kweqembu ezikhathini ezimbalwa kule-tour. Ukholwa ukuthi sebekulungele ukudlala ngendlela efanayo uma ingengcono kunale yomdlalo wangeSonto uma bebhekana nezivakashi e-Centurion kusasa.

“Ngicabanga ukuthi sidlala ikhilikithi yethu enhle uma siyodlala futhi siyazidedela kanye nokwenza okujwayelekile kahle,” u-Tryon eqhubeka. “Awukwazi ukucikelela phansi ukubaluleka kokwenza lokho. Sihlangana kahle njengeqembu futhi kumdlalo odlulile, sidlale kahle okukhombise ukuthi sidlala kahle. Ngicabanga ukuthi kumele sisebenzise lokho kugqugquzeleka ukusiphusha kumdlalo olandelayo.”

Ukudlala kahle kwizigaba ezintathu zomdlalo; ukushaya, ukuphosa nokuvimba kukhuphuke izinga uma kuqhathaniswa nemidlalo edlulile bedlala ne-India, lokho u-Tryon athandile ukukubona. Uthemba ukuthi umdlalo wokugcina uzoletha ushintsho oluzohlala ekuqhubekeni kokuthi iqembu lingashintshashintshi.

“Konke kungene indaweni yakho kumdlalo wokugcina. U-Shabnim (Ismail) wathola i-fifer yakhe yokuqala, mina ngishaye kahle, ukuvimba bekukuhle, kube kuhle ukubona. Ngithemba ukuthi singadlulela nakho futhi siqhubeke sikhuphule amazinga ethu kuyona yonke imidlalo ngoba asikwazi ukubuyela emuva uma sisuka lapha.”

i-T20 yesine izovezwa ku-SuperSport 2 ngo-13:00 futhi uzoba ingxenye yama-double-headers kanye neqembu labesilisa kwi-KFC T20 series. Ukuhamba komdlalo kuzotholakala kwi-Cricket South Africa Facebook (www.facebook.com/cricketsouthafrica) no-Twitter (www.twitter.com/officialcsa).


Momentum Proteas T20 squad:

Dané van Niekerk (captain, Eastern Province), Marizanne Kapp (Eastern Province), Trisha Chetty (Gauteng), Shabnim Ismail (Gauteng), Ayabonga Khaka (Gauteng), Masabata Klaas (North West), Suné Luus (Northerns), Odine Kirsten (Northerns), Mignon du Preez (Northerns), Lizelle Lee (North West), Chloe Tryon (KwaZulu-Natal Coastal), Nadine de Klerk (Northerns), Raisibe Ntozakhe (Gauteng), Moseline Daniels (Boland).

Proteas Women’s Tour Schedule

February 21: Day @ 13h00 4th T20 International, SuperSport Park, Centurion

February 24: Day @ 13h00 5th T20 International, PPC Newlands, Cape Town