i-India inqobe kumdlalo wokuqala we-T20

POTCHEFSTROOM, SOUTH AFRICA - FEBRUARY 13: Sune Luus of South Africa during the 1st Womens T20 International match between South Africa and India at Senwes Park on February 13, 2018 in Potchefstroom, South Africa. (Photo by Lee Warren/Gallo Images)

POTCHEFSTROOM, SOUTH AFRICA - FEBRUARY 13: Sune Luus of South Africa during the 1st Womens T20 International match between South Africa and India at Senwes Park on February 13, 2018 in Potchefstroom, South Africa. (Photo by Lee Warren/Gallo Images)

Uvulela i-India, u-Mithali Raj ushaye ama-runs angu-54 engaphumanga emabholeni angu-48 ukuhola izivakashi ekunqobeni ngama-wicket ayisikhombisa bedlala nama-Momentum Proteas kumdlalo wokuqala we-Women’s T20 International e-Senwes Park ngoLwesibili. Bangaphambili ngo-1-0 emidlalweni emihlanu.

Abaphethe imidlalo, bashaye kuqala emuva kokuthi i-India inqobe i-toss, bahlanganisa u-164/4 ngemisebenzi emihle ephuma kukapteni, u-Dane van Niekerk (38 off 31 balls), u-Mignon du Preez (31 off 27 balls) no-Nadine de Klerk (23 off 25 balls). Bafike ku-130/4 kuma-overs angu-18.4 ngesikhathi u-Chloe Tryon eshaya u-32 engaphumile emabholeni ayisikhombisa (o-six abane no-four ababili). Uqede ene-T20 International strike rate esikhulu kwi-innings yama-runs angu-25 kuyela ngale, eshaya ngo-457.14 futhi esondeza iqembu lakhe kumphumela omuhle ngasekugcineni.

Bejaha u-165 ukunqoba, u-Raj ebehamba phambili kushaya i-India, wahlanganisa ama-partnership ama-runs angu-69, u-52 no-47 no-Jemimah Rodrigues (37), u- Veda Krishnamurthy (37*) no-Smriti Mandhana (28) ngokulandelana kwabo. Uma behlangene bashaye o-six abayisikhombisa no-four abangu-16, bafika kumphumela besalelwe amabhola ayisikhombisa.

i-South Africa ihlulekile ngebhola, u-Moseline Daniels (1/16) no-Van Niekerk (1/23) yibona bodwa abathole ama-wicket. U-Sune Luus ukhiphe ukapteni ovakashile, u- Harmanpreet Kaur, ngaphambi kokuthi athole ama-runs ngebhola elilodwa kade kuphume u-Mandhana kwi-over yesihlanu. Ngaphandle kwalokho, kube usuku olunzima njengoba bephisane ngama-extra angu-12.

I-series idlulela e-East London lapho umdlalo wesibili uzodlalwa ngoLwesihlanu, 16 February e-Buffalo Park.

Umdlalo uzoqala ngo-13:00 (SAST) futhi uzovezwa kwi-TouTube, kuhamba komdlalo kuzosakazwa ku-Facebook (www.facebook.com/cricketsouthafrica) we-Cricket South Africa no-Twitter (www.twitter.com/officialcsa).




Momentum Proteas T20 squad:
Dané van Niekerk (captain, Eastern Province), Marizanne Kapp (Eastern Province), Trisha Chetty (Gauteng), Shabnim Ismail (Gauteng), Ayabonga Khaka (Gauteng), Masabata Klaas (North West), Suné Luus (Northerns), Odine Kirsten (Northerns), Mignon du Preez (Northerns), Lizelle Lee (North West), Chloe Tryon (KwaZulu-Natal Coastal), Nadine de Klerk (Northerns), Raisibe Ntozakhe (Gauteng), Moseline Daniels (Boland).

Management:
Hilton Moreeng (Head Coach), Enoch Nkwe (Assistant Coach), Molebatsi Theletsane (Physiotherapist), Russell Clarke (Trainer), Abram Ramoadi (Performance Analyst), Sedibu Mohlaba (Manager), Sipokazi Sokanyile (Media Liaison).


Proteas Women’s Tour Schedule

February 16: Day @ 13h00 2nd T20 International, Buffalo Park, East London
February 18: Day @ 09h45 3rd T20 International, Bidvest Wanderers, Johannesburg
February 21: Day @ 13h00 4th T20 International, SuperSport Park, Centurion
February 24: Day @ 13h00 5th T20 International, PPC Newlands, Cape Town