New caps Klaasen, Jonker and Dala

Heinrich Klaasen of the Proteas

Heinrich Klaasen of the Proteas

Abadlali abasha u-Klaasen, u-Jonker no-Dala babaliwe kwiqembu lama-Proteas lama-T20; iqembu le-SA A lizodlala ne-Australia

Namhlanje i-Cricket South Africa (CSA) ibale oshayela ama-Warriors u-Christian Jonker nababili bama-Multiply Titans, ophosa ngokushesha u-Junior Dala novimbayo u-Heinrich Klaasen njengabadlali abasha kwiqembu lama-Standard Bank Proteas kwimidlalo emithathu ye-KFC T20 International Series bedlala ne-India ngasekupheleni kwalenyanga.

u-JP Duminy umenyezelwe njengokapteni njengoba engekho u-Faf du Plessis elimele.

“Njengoba i-Sunfoil Test Series bedlala ne-Australia iqala ezinsukwini ezinhlanu emuva kokuphela kwe-T20 Series kubalulekile kithini ukuphumuza abanye babadlali abadlale cishe kuyona yonke imidlalo yethu okwamanje kwihlobo,” kuphawula i- CSA National Selection Panel Convener u-Linda Zondi.

“Lapha kubalwa u-Hashim Amla no-Aiden Markram kubadlali abashayayo kanye nabaningi abaphosayo. U-AB de Villiers uphuthelwe ikhilikithi eningi kulelihlobo ngakho uzodlala kwi-T20 Series.”

“Sikhethe ukuphumuza u-Imran Tahir. Osahamba phambili kithina kumdlali ophosa nge-spin kwizona zombili izinhlobo zekhilikithi zebhola elimhlophe,” esho echaza u-Zondi, kodwa kumele sinike u-Tabraiz Shamsi no-Aaron Phangiso isikhathi sokudlala. i-ICC World Twenty20 iseduzane ngo-2020 ngakho kubalulekile ukuthi siyakha futhi sihlola esinakho kuyela kumqhudelwano.

“u-Christiaan Jonker ibeyiqeda kahle imidlalo kwi-domestic T20 cricket kuma-season adlulile futhi ukukhethwa kwakhe, kanye nalokho kwa-Dala, kunika abadlali abadlale kahle kwikhilikithi yama-franchise ithuba lokukhombisa ukuthi bangadlala kwizinga eliphezulu. Umdlalo ka-Heinrich Klaasen odlulile uyazikhulumela.”

“u-Reeza Hendricks uthola elinye ithuba ngesizathu esifanayo, njengoba athola ama-runs amaningi kunabo bonke kwi-RAM SLAM Challenge kule-season.”

Abakhethayo baphinde bamemezela iqembu le-South Africa A elizodlala ne-Australia umdlalo ozodlalelwa e-Sahara Park Willowmoore kusukela ngo-February 22 kuyela ku-24.

u-Khaya Zondo uzoba ukapteni weqembu bese ababili abadlalela ama-World Sports Betting Cape Cobras u-Pieter Malan no-Zubrayr Hamza nokwenza konke kuma-Hollywoodbets Dolphins u-Senuran Muthusamy bakhethwe okokuqala kulelizinga.

“Njengoba ikhilikithi yama-franchise ingekho kulelisonto kunika elinye iqembu labadlali ithuba elihle ukukhombisa ukuthi bangenzani bedlala neqembu elikhulu,” esho evala u-Zondi.

Standard Bank Proteas T20 squad: JP Duminy (World Sports Betting Cape Cobras, capt), Farhaan Behardien (Multiply Titans), Junior Dala (Multiply Titans), AB de Villiers (Multiply Titans), Reeza Hendricks (bizhub Highveld Lions), Christiaan Jonker (Warriors), Heinrich Klaasen (Multiply Titans), David Miller (VKB Knights), Chris Morris (Multiply Titans), Dane Paterson (World Sports Betting Cape Cobras), Aaron Phangiso (bizhub Highveld Lions), Andile Phehlukwayo (Hollywoodbets Dolphins), Tabraiz Shamsi (Multiply Titans), Jon-Jon Smuts (Warriors).

South Africa A squad: Khayalihle Zondo (Hollywoodbets Dolphins, capt), Theunis de Bruyn (VKB Knights), Zubayr Hamza (World Sports Betting Cape Cobras), Beuran Hendricks (bizhub Highveld Lions), Pieter Malan (World Sports Betting Cape Cobras), Wiaan Mulder (bizhub Highveld Lions), Senuran Muthusamy (Hollywoodbets Dolphins), Duanne Olivier (VKB Knights), Rudi Second (VKB Knights), Malusi Siboto (Multiply Titans), Shaun von Berg (Multiply Titans).

KFC T20 International Series Itinerary vs. India

February 18: Day @ 14h30 1st KFC T20 International, Bidvest Wanderers, Johannesburg

February 21: D/N @ 18h00 2nd KFC T20 International, SuperSport Park, Centurion

February 24: D/N @ 18h00 3rd KFC T20 International, PPC Newlands, Cape Town