Mandhana no-Yadav banqobela i-India women i-ODI series

KIMBERLEY, SOUTH AFRICA - FEBRUARY 07:  Jhulan Goswami of India the 2nd Womens ODI match between South Africa and India at Diamond Oval on February 07, 2018 in Kimberley, South Africa. (Photo by Louis Botha/Gallo Images)

KIMBERLEY, SOUTH AFRICA - FEBRUARY 07: Jhulan Goswami of India the 2nd Womens ODI match between South Africa and India at Diamond Oval on February 07, 2018 in Kimberley, South Africa. (Photo by Louis Botha/Gallo Images)

u-Simriti Mandhana ushaye ama-runs angu-135 emabholeni angu-129, kwathi u-Poonam Yadav wathola u-4/24 ukusiza i-India ukunqoba kahle, ngama-runs angu-178 behlula ama-Momentum Proteas kumdlalo wesibili we-Women's One-Day International e-Diamond Oval e-Kimberly ngoLwesithathu. Izivakashi zingaphambili ngo-2-0 kwi-series enemidlalo emithathu.

Kube usuku olunzima emsebenzini kwi-South Africa, bobabili abashayayo kanye nabaphosayo behluleka ukudlala indima. Izivakashi ziqede i-innings yabo ngo-302/3 emuva kokuthi kuthiwe abashaye kuqala. u-Mandhana ushaye o-four abangu-14 no-six oyedwa, futhi o-50 ba-Harmanpreet Kaur (55) no-Veda Krishnamurthy (51) bengaphumanga kubabone benezezela ngama-runs ngasekupheleni kwe-innings yabo. Okunezezele okwesine kube ama-runs angu-21 aphume kuma-extras akhandwe i-South Africa, ezobheka ukulungisa lapho ngaphambi kumdlalo wokugcina.

Ukushaya kweqembu lasekhaya kube ukuphuma kwama-wicket nje, ovulayo u-Lizelle Lee (73 off 75 balls), uyena yedwa othole umphumela odlulile ku-50. U-Marizanne Kapp oshaye u-17 engaphumanga kube umphumela wesibili omkhulu, abanye abadlali baphuma bengahlanganisile ngisho ama-runs adlulile ku-10.

Ukuphoxeka kuqhubekile ku-Trisha Chetty, obedlala umdlalo wakhe we-ODI wekhulu kwi-South Africa, waphuma enama-runs ayisithupha, kwathi u-Andrie Steyn no-Sune Luus baphuma benama-runs amathathu namabili ngokulandelana kwabo.

u-Yadav udlale kahle ngokuphosa kwi-India kwi-spell sakhe sama-overs angu-7.5, usekelwe kahle u-Rajeshwari Gayakwad (2/14 in 6 overs) no-Deepti Sharma (2/34 in 6 overs) bathola ama-wicket amabili umuntu emunye. Umdlali okhulile, u-Jhulan Goswami (1/29 in 7 overs) ube umdlali wokuqala wesifazane ukuthola ama-wicket angu-200 kuma-ODI ngesikhathi evulela i-India wakhipha u-Laura Wolvaardt (9) ngebhola lokugcina kwi-over yesihlanu..

i-South Africa iphume yonke ngama-runs angu-124 kuma-overs angu-30.5.

i-ODI yesithathu futhi yokugcina izodlalelwa e-Potchefstroom ngoMgqibelo, 10 February.



Momentum Proteas ODI squad:
Dane van Niekerk (captain, Eastern Province), Marizanne Kapp (Eastern Province), Trisha Chetty (Gauteng), Shabnim Ismail (Gauteng), Ayabonga Khaka (Gauteng), Masabata Klaas (North West), Sune Luus (Northerns), Laura Wolvaardt (Western Province), Mignon du Preez (Northerns), Lizelle Lee (North West), Chloe Tryon (KwaZulu-Natal Coastal), Andrie Steyn (Western Province), Raisibe Ntozakhe (Gauteng), Zintle Mali (Border).

Proteas Women’s Tour Schedule

February 10: Day @ 10h00 3rd ODI, Senwes Park, Potchefstroom.