u-Mandhana, u-Goswami no-Pandey babeka i-India ngaphambili ngo-1-0 bedlala ne-Proteas women

KIMBERLEY, SOUTH AFRICA - FEBRUARY 05:Smriti Mandhana of India  during the 1st Womens ODI match between South Africa and India at Diamond Oval on February 05, 2018 in Kimberley, South Africa. (Photo by Louis Botha/Gallo Images)

KIMBERLEY, SOUTH AFRICA - FEBRUARY 05:Smriti Mandhana of India during the 1st Womens ODI match between South Africa and India at Diamond Oval on February 05, 2018 in Kimberley, South Africa. (Photo by Louis Botha/Gallo Images)

u-Jhulan Goswami no-Shikha Pandey bathole ama-wicket ayisikhombisa ohakathi kwabo njengoba i-India iqale uhambo lwayo e-South Africa kahle, banqoba ngama-runs angu-88 bedlala nama-Momentum Proteas kumdlalo wokuqala wemithathu wama-One-Day Internationals (ODIs) e-Diamond Oval e-Kimberley ngoMsombuluko.

Khona omunye odlale kahle wathola ama-runs angu-84 (98 balls, 8 fours, 1 six) ovula umdlalo futhi i-Player of the Match u-Smriti Mandhana njengoba izivakashi sithole umphumela ongu-213 kuphume abadlali abayisikhombisa emuva kokunqoba i-toss kanye nokushaya.

Abaphethe umdlalo abashayanga kahle futhi bakhishwa bonke ngama-runs angu-125 kuma-overs angu-43.2, okuvumele i-India ibengaphambili kwi-series ngo-1-0 kwi-series, okokuqala kwi-South Africa kwi-ICC Women’s Championship - umqhudelwano wokungenela i-2021 ICC Women’s World Cup.

u-Mandhana nokapteni wakhe u-Mithali Raj (45) bahlanganise ama-runs angu-99 nge-wicket yesibili, ngaphambi kokuthi ukapteni u-Marizanne Kapp (2/26) no-Ayabonga Khaka (2/47) bakhiphe ama-wicket amabili umuntu emunye ukusiza iqembu lasekhaya libuye.

Bahlulekile ngalapho njengoba belahlekelwe ama-wicket amathathu kuma-runs angu-23 emuva kokuthi u-Lizelle Lee (3), u-Trisha Chetty (5) no-Mignon du Preez (0) bephume kalula. Ukapteni u-Dane van Niekerk uthole ama-runs angu-41, kodwa ushodelwe abantu abazomesekela waze waphuma umphumela uku-100.

Uqale kahle u-Laura Wolvaardt (21), u-Kapp (23) no-Sune Luus (21 engaphumanga), kodwa bekunganele ukuhlupha iqembu lase-India.

u-Goswami uphose kahle kunabo bonke no-24/4, kwathi u-Pandey wathola u-23/3.

Umdlalo wesibili we-series uzodlalelwa enkundleni eyodwa ngoLwesithathu.