u-De Kock uphume amasonto amabili kuyela kwamane elimele isihlakala

I-wicketkeeper batsman yama-Standard Bank Proteas, u-Quinton de Kock, osekhishiwe kwimidlalo esele ye-Momentum One-Day International (ODI) series kanye ne-T20 International series bedlala ne-India ngoba elimele isihlakala. u-De Kock ulimale kumdlalo wesibili we-ODI bedlala ne-India e-SuperSport Park ngeSonto, futhi uzodinga amasonto amabili kuyela kwamane ukuze alulame.

i-Team Manager yama-Proteas, u-Dr Mohammed Moosajee uchaze ukulimala: “u-Quinton washayeka kakhulu kwisihlakala sesandla sokunxele ngesikhathi eshaya kumdlalo wesibili we-ODI ngeSonto futhi uzwe ubuhlungu obukhulu kanye nokungakhululeki. Uma esebhekwa futhi kutholakale ukuvuvukala kwi-tendon yesihlakala. Loluhlobo lokulimala luzodinga amasonto amabili kuyela kwamane ukuthi kuphole, lokhu kumukhipha kwimidlalo esele yama-ODI kanye ne-T20 series bedlala ne-India. Abazokulapha be-Cricket South Africa bazozama ukuthi alungele i-Test series bedlala ne-Australia ezoqala ngenyanga ezayo.”

Abakhethayo angeke bamukhombe ozongena endaweni ka-De Kock eqenjini.