u-Van Niekerk ulindele ukudlala ekhaya

Momentum Proteas captain, Dane van Niekerk.

Momentum Proteas captain, Dane van Niekerk.

Ukapteni wama-Momentum Proteas, u-Dané van Niekerk ukulindele ukudlala phambi kwabalandeli base-South Africa njengoba iqembu lakhe lilungiselela ukudlala ne-India kumdlalo wokuqala wemidlalo emithathu yama-One-Day Internationals (ODIs) e-Diamond Oval e-Kimberly kusasa.

Okokugcina lamaqembu ebhekana e-South Africa, izivakashi zanqoba i-triangular-series eyadlalwa ngonyaka odlulile e-Potchefstroom. u-Van Niekerk uthemba ukuhola iqembu nejngoba befuna ukuziphindiselela njengoba u-Hilton Moreeng neqembu lakhe befuna ukuqhubeka nokwenza kahle kwikhilikithi yomhlaba.

“Sikubhekile ukudlala ne-India, ikakhulukazi ekhaya lapho engizwa ukuthi kuzomele sisebenzise isimo sokudlala,” ekhuluma ebusuku ngaphambi komdlalo ngakusasa.

“Siyawathemba amathuba ethu sidlala neqembu elinamandla lase-India futhi sizongena kule-series sazi ukuthi sinikwe ithuba lokuziphindiselela emuva kokuhlulwa kwi-tri-series e-Potchefstroom onyakeni odlulile ngaphambi kwe-World Cup. Kulonyaka odlulile, ngicabanga ukuthi sikhombise ukuthi singenzani futhi ngicabanga ukuthi ukudlala ekhaya kuzosinika ukugqugquzeleka ukuthi siqhubeke nemidlalo yethu emihle.”

Ukapteni, owahola ama-Proteas kwi-semi-final onyakeni odlulile kwi-ICC Women’s World Cup e-England, uthe lama-One Day Internationals amathathu abalulekile eqenjini njengoba befuna ukugwema ukungena kulomqhudelwano womhlaba ngama-qualifiers. Yonke imidlalo kule-series izoba ingxenye ye-ICC Women’s Championship, ukungena kumqhudelwano ka-2021 ozodlalelwa e-New Zealand.

“Kubalulekile ukuthi siyinqobe le-series ekhaya sidlala ne-India, singenzeli abalandeli kuphela kodwa senzele nathi ukuthi sithole amaphuzu ngoba asifuni ukuphinde singene kuma-qualifiers. Sifuna ukuba nesiqiniseko sokuthi siphumelela ngokushesha futhi lokho kusho ukuthi kumele sinqobe lemidlalo esiyidlala namaqembu amahle njenge-India.”

Iqembu lizolandela umdlalo wakusasa nge-ODI yesibili ezodlalwa ezinsukwini ezimbili ezilandelayo enkundleni efanayo, umdlalo wokugcina uzodlalwa e-Senwes Park e-Potchefstroom ngoMgqibelo, 10 February.




Momentum Proteas ODI squad:
Dane van Niekerk (captain, Eastern Province), Marizanne Kapp (Eastern Province), Trisha Chetty (Gauteng), Shabnim Ismail (Gauteng), Ayabonga Khaka (Gauteng), Masabata Klaas (North West), Sune Luus (Northerns), Laura Wolvaardt (Western Province), Mignon du Preez (Northerns), Lizelle Lee (North West), Chloe Tryon (KwaZulu-Natal Coastal), Andrie Steyn (Western Province), Raisibe Ntozakhe (Gauteng), Zintle Mali (Border).

Proteas Women’s Tour Schedule

February 5: Day @ 10h00 1st ODI, Diamond Oval, Kimberley
February 7: Day @ 10h00 2nd ODI, Diamond Oval, Kimberley
February 10: Day @ 10h00 3rd ODI, Senwes Park, Potchefstroom