u-Van Tonder ungaphambili kwabe-SA abathathu kwi-ICC U19 World Cup Select XI

Coca-Cola South Africa U19s captain, Raynard van Tonder with vice captain,  Wandile Makwetu.

Coca-Cola South Africa U19s captain, Raynard van Tonder with vice captain, Wandile Makwetu.

i-Cricket South Africa (CSA) ihalalisele abadlali bayo abathathu ngokukhethwa i-ICC nge-team of the tournament kwi-ICC U19 World Cup ephele e-New Zealand izolo.

u-Raynard van Tonder, ukapteni weqembu lama-Coca-Cola South Africa U19, wakhethwa njengokapteni we-Select XI kwathi i-wicketkeeper/batsman u-Wandile Makwetu nophosa ngokushesha u-Gerald Coetzee nabo bakhethwa.

Ompetha i-India inabadlali abahlanu kwiqembu i-South Africa abesibili abanabadlali abaningi khona.

“Nokho bekuphoxa ukuthi siqede njengabesihlanu kumqhudelwano kodwa kuyajabulisa ukuthi abanye babadlali bethu abancane bathole lomklomelo,” kuphawula i-CSA Acting Chief Executive u-Thabang Moroe.

“u-Raynard uyadinga ukunakwa ngokukhethwa kwakhe njengomholi kumqhudelwano futhi lokhu kulandela ukapteni wethu ka-2014, u-Aiden Markram, owakhethwa njenge-Player of the Tournament.”

“Kuthinta inhliziyo ukuthi siyaqhubeka nokukhipha abadlali abasezingeni eliphezulu kanye nabaholi kuhlelo lethu lamathalente,” esho evala u-Mr. Moroe.

Team of the ICC U19 Cricket World Cup 2018 (in batting order):

Prithvi Shaw (India) –261 runs
Manjot Kalra (India) – 252 runs
Shubman Gill (India) – 372 runs
Finn Allen (New Zealand) – 338 runs
Raynard van Tonder (South Africa, captain) – 348 runs
Wandile Makwetu (wicket-keeper) (South Africa) – 184 runs and 11 dismissals (all catches)
Anukul Roy (India) – 14 wickets
Kamlesh Nagarkoti (India)– 9 wickets
Gerald Coetzee (South Africa) – 8 wickets
Qais Ahmad (Afghanistan) – 14 wickets
Shaheen Afridi (Pakistan) – 12 wickets

12th man: Alick Athanaze (Windies) – 418 runs