Ukuqhuba okokugcina kuma-SA U19s

Raynard Van Tonder of SA U/19

Raynard Van Tonder of SA U/19

Ama-Coca-Cola South Africa U19s azodlala ne-Bangladesh kumdlalo wabo wokugcina we-ICC U19 Cricket World Cup e-Queenstown kusasa. Lama-Proteas azobe eqhudelanela ukuba unombolo-5, bathemba ukuqeda umqhudelwano ngokunqoba.

Ukapteni, u-Raynard van Tonder uthe abadlali bakhe bawulungele umdlalo wabo wokugcina futhi bakujahile ukudlala ngokuzimisela okokugcina bedlalela ibheji.

Ekhuluma emuva kokuzilolonga kweqembu kokugcina, uthe; “Babukeke kahle abafana, ngifuna ukuqhuba kokugcina kubona. Kusasa ngeke kube umdlalo wokugcina kuphela, kodwa kwabanye bethu, kuzoba umdlalo wethu wokugcina njengabadlali bama-U19 ngakho sithemba ukuthi singaqeda ngokunqoba.”

Emuva kokubuka abazodlala nabo, abagcina ukudlala nabo nge-World Cup yokugcina futhi badlala kahle kwisimo futhi nokuthi bangalindelani ngosuku lomdlalo, u-Van Tonder ukholwa ukuthi iqembu linakho okudingekayo ukuthi lithole umphumela omuhle.

“Silibhekile iqembu labo kanye nenkundla esizodlalela kuyona. Akuyona inkundla enemiphumela emkhulu ngakho sizobheka ukushaya kuphosa ama-spinners ngoba banawo futhi maningi futhi kumele sigxile kumdlalo wethu njengeqembu. Kuzomele sijwayele osukwini uma sifuna ukubahlula.”

i-South Africa isanamele ukuhlula abaphethe umqhudelwano, i-New Zealand ngama-runs angu-73 kumdlalo wabo wokugcina e-Christchurch. Kubanike ukuzithemba emuva kokuhlulwa imidlalo ilandelana, owodwa umphumela wagcina ngokuphuma kumjaho wendebe. Ukapteni uthe ukunqoba bedlala ne-New Zealand kukhuphule umoya weqembu futhi bayajabula ukuphuma kanye nokudlala ngomdlandla bedlalela izwe labo.

“Singathatha umdlandla omningi kumdlalo wethu odlulile kumdlalo wethu wokugcina,” esho eqhubeka. “Bekubalulekile kithina ukuthi siwunqobe lowamdlalo futhi indlela esakwenza ngayo kusinike ukuzithemba kusasa.”

“Sithole usuku lokuphumula kusasa futhi kunike abafana ithuba lokuphumula kanye nokusuka kumdlalo futhi ukubuyela ekuqeqeshweni nomqondo ophumule futhi nokulungela umsebenzi ozayo. Abafana balungile manje emqondweni nasemzimbeni.”

Umdlalo uzovezwa ku-SuperSport 2 kusukela ngo-23:15 (SAST) namhlanje (Tuesday, 30 January), ukuhamba komdlalo kuzomenyezelwa ku-Facebook we-Cricket South Africa (www.facebook.com/cricketsouthafrica no-Twitter (www.twitter.com/officialcsa).

Coca-Cola South Africa Under-19s ICC World Cup squad:

Raynard van Tonder (capt, Free State), Matthew Breetzke (Eastern Province), Jean du Plessis (South Western Districts), Jason Niemand (Border), Gerald Coetzee (Free State), Jade de Klerk (Eastern Province), Fraser Jones (KZN Inland), Wandile Makwetu (Gauteng), Andile Mogakane (KZN Coastal), Kgaudise Molefe (Gauteng), Thando Ntini (Western Province), Jiveshen Pillay (Northerns), Hermann Rolfes (Northerns), Kenan Smith (Eastern Province), Akhona Mnyaka (Border).

Management:

Lawrence Mahatlane (Head Coach), Wandile Gwavu (Assistant Coach), Chris van Noordwyk (Assistant Coach), Riaan Osman (Manager), Kyle Southgate (Performance Analyst), Lizahn Naude (Physiotherapist), Sipokazi Sokanyile (Media Liaison), Runeshan Moodley (Fitness Trainer), Robin Peterson (Technical Consultant), Maurice Aronstam (Mental Conditioning Coach).