Ama-SA U19s abuyekahle ngokunqoba

Matthew Breetzke of South Africa

Matthew Breetzke of South Africa

Amakhulu ashaywe ama-Coca-Cola South Africa U19s, ukapteni, u-Raynard van Tonder (117) novula umdlalo, u-Matthew Breetzke (115) kanye ne-zinti ezinhlanu zika-Gerald Coetzee okubone abadlali abancane benqoba ngama-runs angu-73 bedlala ne-New Zealand kumdlalo wokuba unombolo-5 noma u-6 kwi-ICC U19 World Cup e-Christchurch ngoMgqibelo.

Kube umdlalo ogqugquzele izivakashi, ezaphuma kumqhudelwano kumdlalo we-quarter-final bedlala ne-Pakistan ngasekuqaleni kwesonto. Bahlanagnise ama-runs angu-284/6 ekupheleni kwe-innings yabo emuva kokunqoba i-toss futhi bakhetha ukushaya kuqala. u-Van Tonder no-Breetzke bahlanganise i-partnership yama-runs angu-213 nge-wicket yesithathu emuva kwe-partnership yokuqala no-Jiveshen Pillay (24) iphele benama-runs angu-42.

Umdlali we-New Zealand u-Matthew Fisher (2/59) udlale kahle ngokuphosa, kwathi u-Ben Lockrose (1/57) no-Rachin Ravindra (1/61) bathola i-wicket elilodwa umuntu eyedwa.

i-New Zealand ihlushwe ukuhlasela kwabaphosayo be-South Africa, okuholwe u-Coetzee, oqede eno-5/32. i-spell saikhe sama-overs angu-9.5 besinama-maiden amabili, esekelwe u-Akhona Mnyaka (2/49), u-Kenan Smith (1/36), u-Jason Niemand (1/50) kanye nokunye ukuvimba okuncomekayo kuka-Jade de Klerk okumbone ekhipha u-Callum McLachlan nge-run out ngesikhathi eshaya ama-stumps eku-23 kwi-over yesi-33. U-Dane Phillips wathola ama-runs angu-74 emabholeni angu-82.

Ama-Proteas amancane anqobe kuma-overs angu-43.5. Azodlala ne-England noma ne-Bangladesh bedlalela unombolo-5 ngoLwesithathu, 31 January e-Queenstown.


Coca-Cola South Africa Under-19s ICC World Cup squad:

Raynard van Tonder (capt, Free State), Matthew Breetzke (Eastern Province), Jean du Plessis (South Western Districts), Jason Niemand (Border), Gerald Coetzee (Free State), Jade de Klerk (Eastern Province), Fraser Jones (KZN Inland), Wandile Makwetu (Gauteng), Andile Mogakane (KZN Coastal), Kgaudise Molefe (Gauteng), Thando Ntini (Western Province), Jiveshen Pillay (Northerns), Hermann Rolfes (Northerns), Kenan Smith (Eastern Province), Akhona Mnyaka (Border).

Management:

Lawrence Mahatlane (Head Coach), Wandile Gwavu (Assistant Coach), Chris van Noordwyk (Assistant Coach), Riaan Osman (Manager), Kyle Southgate (Performance Analyst), Lizahn Naude (Physiotherapist), Sipokazi Sokanyile (Media Liaison), Runeshan Moodley (Fitness Trainer), Robin Peterson (Technical Consultant), Maurice Aronstam (Mental Conditioning Coach).