i-CSA imemezela amaqembu ama-Proteas Women’s ODI ne-T20 bedlalela ekhaya ne-India

Momentum Proteas women in action.

Momentum Proteas women in action.

NgoLwesihlanu i-Cricket South Africa (CSA) imemezele amaqembu e-One-Day International (ODI) ne-Twenty20 (T20) International kwama-Momentum Proteas kwi-tour ye-India women e-South Africa. I-tour izoba nemidlalo emithathu yama-ODI nemihlanu yama-T20 series kusukela ngo-05-24 Febuwari 2018 ezinkundleni eziyisikhombisa yezwe.

i-ODI series izoba ingxenye ye-ICC Women’s Championship (IWC), umqhudelwano wokungena kwi-ICC Women’s World Cup elandelayo ngo-2021. Kuzoba okokuqala iqembu lizwa imidlalo yezwe seloku badlala kwi-2017 World Cup eyaphela ngo-July futhi bangunombolo-6 kuma-MRF ICC Women’s ODI Team Rankings. Imidlalo yokugcina emithathu ye-T20 series izovezwa kumabonakude, imidlalo emibili kanye neyabesilisa i-KFC T20 series bedlala ne-India.

Umqeqeshi, u-Hilton Moreeng ukulindele ukubuya kweqembu lakhe futhi ukholwa ukuthi amalungiselelo abo kumakhempu ezinyangeni ezidlulile kuzobamisa kahle bedlala ne-India eyingozi.

“Kithina, ukukhetha iqembu kuqhubekela kwi-World Cup nhengoba kukhona abadlali amancane eqenjini,” esho. “Labadlali abancane badinga ukuqala ukufunda futhi nokuba ingxenye yeqembu ebelenza kahle eminyakeni embalwa edlulile, kuzobasiza ekukhuleni kwabo. Njengabanye ababa ama-finalist kwi-World Cup, siyazi ukuthi i-series sidlala ne-India izobanzima. Kuzomele sibenesiqiniseko sokuthi siyakusebenzisa ukuthi sidlalela ekhaya njengeqembu ukuba nesiqiniseko sokuthi sithola imphumela elungile.”

“Kube ikhefu elide leqembu futhi amalungiselelo ebemahle kuyela kule-series ebalulekile yokuqala ye-IWC futhi sizoba nesiqinseko sokuthi siyaqhubeka nokusebenza kanzima futhi sifike sikulungele. Uma sekufika umdlalo wokuqala ne-India, kuzomele sibe nesiqiniseko sokuthi siqala kahle.”

Kubizwe umdlali oneminyaka engu-24 kwiqembu lama-T20, i-right-arm medium pacer, u-Zintle Mali we-Border. Kuphinde kube isikhathi esihle sokuqala amalungiselelo e-ICC Women’s World T20 ezodlalwa ngo-Novemba e-West Indies.

u-Moreeng uyajabula ukubona ukuthi umdlali omusha eqenjini uzolethani emuva kokusebenza kanzima kule-season edlulile kwiqembu lezwe lakhe futhi nakwi-Powerade National Academy ngonyaka odlulile. Kwezinye izindaba ezimnandi eziphuma kwikhempu ukuthi i-South Africa ineqembu eliluleme futhi umqeqeshi uyilindele imidlalo emihle kubadlali nakhe “abaphumule kahle”.

“Ngasekuqineni, wonke umuntu eqenjini kuthiwe ukulungele ukudlala. Abadlali baphumulile futhi amalungiselelo ahamba kahle okwamanje,” esho egcizelela. “Kithina, ukuba nesiziniseko sokuthi sithatha ngomdlalo owodwa ngesikhathi futhi nginethemba lokuthi sizoyiqala kahle i-IWC.”

“Kuyela kuma-T20s, kithina kuzosinika amalungiselelo amahle sidlala neqembu elimekahle. Imidlalo ezovezwa kumabonakude ama-double-headers azoba ibhantsela ukuba nesiqiniseko sokuthi siyakhula futhi nokukhanyisa ngekhilikithi yabesifazane ezweni lethu kanye nokuqiniseka ukuthi sakhela i-ICC Women’s World T20 e-West Indies. Wonke umdlalo esiwudlalayo kusukela manje uzoba nalowomgqondo.”

Momentum Proteas ODI squad:
Dane van Niekerk (captain, Eastern Province), Marizanne Kapp (Eastern Province), Trisha Chetty (Gauteng), Shabnim Ismail (Gauteng), Ayabonga Khaka (Gauteng), Masabata Klaas (North West), Sune Luus (Northerns), Laura Wolvaardt (Western Province), Mignon du Preez (Northerns), Lizelle Lee (North West), Chloe Tryon (KwaZulu-Natal Coastal), Andrie Steyn (Western Province), Raisibe Ntozakhe (Gauteng), Zintle Mali (Border).

Momentum Proteas T20 squad:
Dane van Niekerk (captain, Eastern Province), Marizanne Kapp (Eastern Province), Trisha Chetty (Gauteng), Shabnim Ismail (Gauteng), Ayabonga Khaka (Gauteng), Masabata Klaas (North West), Sune Luus (Northerns), Odine Kirsten (Northerns), Mignon du Preez (Northerns), Lizelle Lee (North West), Chloe Tryon (KwaZulu-Natal Coastal), Nadine de Klerk (Northerns), Raisibe Ntozakhe (Gauteng), Moseline Daniels (Boland).

Management:
Hilton Moreeng (Head Coach), Enoch Nkwe (Assistant Coach), Molebatsi Theletsane (Physiotherapist), Russell Clarke (Trainer), Abram Ramoadi (Performance Analyst), Sedibu Mohlaba (Manager), Sipokazi Sokanyile (Media Liaison).


Proteas Women’s Tour Schedule

February 2: India warm-up match, Kovsies Oval, Bloemfontein
February 5: Day @ 10h00 1st ODI, Diamond Oval, Kimberley
February 7: Day @ 10h00 2nd ODI, Diamond Oval, Kimberley
February 10: Day @ 10h00 3rd ODI, Senwes Park, Potchefstroom
February 13: Day @ 13h00 1st T20 International, Senwes Park, Potchefstroom
February 16: Day @ 13h00 2nd T20 International, Buffalo Park, East London
February 18: Day @ 09h45 3rd T20 International, Bidvest Wanderers, Johannesburg
February 21: Day @ 13h00 4th T20 International, SuperSport Park, Centurion
February 24: Day @ 13h00 5th T20 International, PPC Newlands, Cape Town