i-Pakistan idlulela kwi-ICC U19 World Cup semi-final

CHRISTCHURCH, NEW ZEALAND - JANUARY 24: Wandile Makwetu of South Africa looks dejected after being dismissed by Muhammad Musa of Pakistan during the ICC U19 Cricket World Cup match between Pakistan and South Africa at Hagley Oval on January 24, 2018 in Christchurch, New Zealand.  (Photo by Kai Schwoerer-IDI/IDI via Getty Images)

CHRISTCHURCH, NEW ZEALAND - JANUARY 24: Wandile Makwetu of South Africa looks dejected after being dismissed by Muhammad Musa of Pakistan during the ICC U19 Cricket World Cup match between Pakistan and South Africa at Hagley Oval on January 24, 2018 in Christchurch, New Zealand. (Photo by Kai Schwoerer-IDI/IDI via Getty Images)

i-Pakistan inqobe ngama-wicket amathathu idlala ne-Coca-Cola South Africa U19s kumdlalo wabo we-ICC U19 World Cup we-quarter-final ukuthola indawo kwi-semi-final e-Christchurch ngoLwesithathu. Manje kuzomele i-South Africa ingene kwi-Plate Championship kumqhudelwano lapho bezodlalela ukubu iqembu lesihlanu okungcono.

Ama-Proteas amancane abekwe ku-189/9 ekupheleni kwama-overs abo angu-50 emuva kokushayiswa kuqala. Abashaya phezulu baphinde bahlulekile ukuhlasela. U-Jiveshen Pillay, u-Matthew Breetzke, u-Hermann Rolfes nokapteni u-Raynard van Tonder baphume ngo-14, u-12, u-five no-four ngokulandelana kwabo, okushiye iqembu ku-43/4 ngesikhathi u-Wandile Makwetu engena. Lomdlalo wesihlanu uphinde wakhombisa ukukhula ngaphansi kwencindezi, wahsya ama-runs angu-60 emabholeni angu-60 (4 fours, 1 six). Abanye abadlali kangcono kube u-Jason Niemand (36 off 46), u-Jean du Plessis (21 off 44) no-Jade de Klerk, ohlasele ekugcineni ngama-runs angu-16 emabholeni angu-28.

u-Muhammad Musa no-Shaheen Afridi be-Pakistan baphose kahle, bathola u-3/29 no-2/30 ngaphambili, bekhipha abadlali abahlanu abaphezulu futhi bafaka abasazoshaya ngaphansi kwencindezi.

i-South Africa izamile ngebhola ngesikhathi kushaya i-Pakistan. Bababeka ku-95/4 nge-over yesi-22 ngaphambi kokuthi u-Ali Zaryab eshayela ukuthi iqembu lakhe linqobe, wathola ama-runs angu-74 emabholeni angu-111 (5 fours). U-Saad Khan no-Rohail Nazir bahlanganise u-26 no-23 ngokulandelana kwabo, bezama ukumisa ukuwa kwama-wicket.

u-Niemand udlale kahle kakhulu yena ngebhola kwi-South Africa, ukhipha ama-wicket amabili ngama-runs angu-31 okubalwa khona i-maiden over. Abanye abaphosayo; u-Akhona Mnyaka (1/21), u-Kgaudise Molefe (1/22 in 5.5 overs), u-Rolfes (1/22 in 7 overs), u-De Klerk (1/33) no-Gerlad Coetzee (1/53) bethola i-wicket umuntu emunye, kodwa abakwazanga ukukhipha umdlali wesine u-Zaryab.

i-South Africa izolindela umphumela womdllao we-quarter-final phakathi kwe-New Zealand/Afghanistan ukubona ukuthi bazobhekana nobani ngoMgqibelo, 27 January kwi-Plate semi-final ezophinde idlalelwe e-Christchurch.