i-New Zealand ihlula i-South Africa U19s nokho u-Rolfes ethole ikhulu

TAURANGA, BAY OF PLENTY - JANUARY 20: Finn Allen of New Zealand  bats during the ICC U19 Cricket World Cup match between New Zealand and South Africa at Bay Oval on January 20, 2018 in Tauranga, New Zealand.  (Photo by David Rowland-IDI/IDI via Getty Images)

TAURANGA, BAY OF PLENTY - JANUARY 20: Finn Allen of New Zealand bats during the ICC U19 Cricket World Cup match between New Zealand and South Africa at Bay Oval on January 20, 2018 in Tauranga, New Zealand. (Photo by David Rowland-IDI/IDI via Getty Images)

Awanelanga ama-runs angu-108 ka-Hermann Rolfes kwi-Coca-Cola South Africa U19s njengoba behlulwe ngama-runs angu-71 i-New Zealand engakahlulwa kumdlalo wawo wokugcina kwi-Group A we-ICC U19 World Cup e-Bay Oval ngoMgqibelo. Manje i-South Africa izobhekana ne-Pakistan kumdlalo we-Super League e-Christchurch ngoLwesithathu, 24 Januwari.

Abaphethe umqhudelwano bahlanganise ama-runs angu-279/8 kuma-overs angu-50 emuva kokunqoba i-toss nokukhetha ukushaya kuqala. i-Man of the Match u-Rachin Ravindra (76) no-Jakob Bhula (44) bahlanganise i-partnership yokuqala yama-runs angu-108, babeka isikhonkwana kwiqembu labo. Bonke abaphosayo kwi-South Africa bathole i-wicket, u-Kgaudise Molefe waphosa kahle kakhulu, wathola u-2/49 kuma-overs akhe angu-10. U-Dane Phillips we-New Zealand no-Max Chu bashaye kahle nabo, bahlanganisa ama-runs angu-43 no-35 ngokulandelana kwabo.

Ukusuka ku-144/2 kuma-overs angu-25.5, izivakashi zenzekahle ukwehlisa iqembu lasekhaya balibeka ku-174/6 kwi-over yesi-35, kodwa u-Phillips no-Chu banezezele ngama-runs ngasekupheleni kwe-innings, basiza iqembu labo kumphumela ovikelekayo.

Ayiqalanga kahle i-South Africa yalahlekelwa abadlali abashaya phezulu abathathu, u-Jiveshen Pillay (0), u-Matthew Breetzke (15) nokapteni u-Raynard van Tonder (3) kalula. U-Rolfes uhambe waze washaya u-108 emabholeni angu-124, okubalwa khona o-four abangu-12 kanye ne-partnership ye-wicket yesithupha yama-runs angu-106 no-Jean du Plessis, ongomunye umdlali oshayayo odlale indima kwizivakashi ngama-runs angu-54 emabholeni alinganayo (5 fours).

Abanye abadlali bagcine kwizinombolo ezizodwa ku-Jade de Klerk (5 off 11 balls), u-Molefe (3 off 9), u-Andile Mogakane (3 off 11), u-Thando Ntini (1* off 12) no-Fraser Jones (1 off 4). U-Ravindra, ohlasele kakhulu kwiqembu lase-New Zealand uthole u-4/32 kuma-overs angu-9.2.

i-South Africa izoya e-Christchurch kusasa futhi izophindela izocabanga kabusha ithemba ukunqoba bedlala ne-Pakistan ngoLwesithathu. Umdlalo ozovezwa ku-SuperSport.