u-Rabada ufuna ukubangcono

Kagiso Rabada of South Africa during day 4 of the 1st Sunfoil Test match between South Africa and India at PPC Newlands on January 08, 2018 in Cape Town, South Africa. (Photo by Petri Oeschger/Gallo Images)

Kagiso Rabada of South Africa during day 4 of the 1st Sunfoil Test match between South Africa and India at PPC Newlands on January 08, 2018 in Cape Town, South Africa. (Photo by Petri Oeschger/Gallo Images)

Ophosa ngokushesha kuma-Standard Bank Proteas, u-Kagiso Rabada, uthemba ukugcina indawo yakhe phezulu kuma-ICC Test bowling rankings ngokudlala ngendlela eyodwa i-season yonke.

u-Rabada ube umdlali wesikhombisa we-South Africa ophosayo ukuhlala phezulu kuma-rankings akhishwe ngoLwesibili, kulandela indima ayidlala ekunqobeni ngama-runs angu-72 kudlalwa ne-India kumdlalo wokuqala we-Sunfoil Test e-PPC Newlands.

Lomdlali oneminyaka engu-22 ikhuphuke ngokushesha kusukela umdlalo wayo wokuqala bedlala ne-India ngo-2015, futhi izolo lokhu ube umdlali omncane kunabo bonke ukuthatha ama-wicket angu-100 kwi-South Africa. Uthemba “ukugcina lokhu” egqoke u-green and gold, kodwa okubalulekile, ukuqhubeka athuthukise indima yakhe kubadlali abahlasela ngebhola.

“Kuzwakala kumnandi ukuba ngaphezulu kwama-rankings,” esho ngoLwesithathu.

“Yinto ebengihlezi ngifuna ukuyenza, ngithemba ukuthi ngingaqhubeka ngenze lokhu engikwenzayo futhi ngizame ukunqobela iqembu imidlalo. Ngifuna ukubangcono kakhulu.”

“Hlezi kukhona okusha engingayisebenzela,” ekhuluma ngekhono lakhe.

“Ngizizwa kanjalo kumsebenzi wami kuze kube yimanje, hlezi kunenkinga. Namakhono enginawo, hlezi kukhona ukulungiswa okumele ukwenze, angifikile ku-100% kumakhono wami, kumele nginezezele. Ngifuna kube kuhle kakhulu, angeke ufike kwinto enhle hle kodwa ngingazama ukufika khona noma ngisondele.”

u-Rabada uzwa sengathi isizathu sokuthi aphumelele ukuthi uyakwazi ukujwayela isimo, kanye nokuba ingxenye yabahlaselayo abanamakhono futhi abahlukile afunde kubona. Akadidekile ngendima yakhe eqenjini njengomdlali ophosayo, kodwa uyohlezi ebeka iqembu kuqala ngaphambi kwezifiso zakhe.

“Ngiphosa lapha iqembu elidinga ukuthi ngiphose khona,” esho.

“Ngingathanda ukuphosa kuqala kodwa kusanzima okwamanje ngoba kukhona abadlali ababili abaphosa kahle abavula ukuphosa. Ngithanda ukwenza lokhu iqembu elidinga ukuthi ngikwenze, ngibeke okuthandwa yimi eceleni. Indima enginikwe yona iyangijabulisa, ukuzama, ukuthola ama-wicket kanye nokuvikela ngesikhathi esesodwa.”

“Kuzwakala kahle,” ekhuluma ngokuphosa no-Morne Morkel, u-Dae Steyn no-Vernon Philander.

“Ngebhadi u-Dale angeke adlale. Bekungaba ibhonasi ukubha khona komdlali osezingeni lakhe. Ngiyajabula ukuthi ngike ngaphosa naye futhi ngithemba ukuthi ngizophinde ngiphose naye. Ukuphosa kwethu kunekhono njengoba ukewabona ngaphaphambilini nakumdlalo wokugcina esiwudlalile. Kumnandi ukudlala kanye nalabadlali.”

Umdlalo wesibili we-Sunfoil Test bedlala ne-India uzoqala e-SuperSport Park e-Centurion ngoMgqibelo. Amathikithi atholakala ku-www.ticketpros.co.za