u-Dale Steyn ukhishiwe kwi-Test yokuqala

Dale Steyn

Dale Steyn

u-Dale Steyn ukhishiwe ekuphoseni kumdlalo odlalwayo we-Sunfoil Test bedlala ne-India ngoba ulimale isithende osukwini lesibili lomdlalo e-PPC Newlands ngoMgqibelo. Lomdlali ophosa ngokushesha uhlale kabi kuma-footmarks ngaphambi kwekhefu letiye, emuva kokuhlolwa kutholakale ukuthi ulimale ngaphakathi onyaweni.

Isinqumo sokuthi uzoshaya yini sizothathwa emuva kokukhuluma ne-medical committee ngokuhamba komdlalo.

i-team manager yama-Proteas, u-Dr Mohammed Moosajee echaza: “u-Dale uhlale kabi kuma-foot-holes ngesikhathi ephosa nge-over yesi-18 namhlanje. Lokhu kulimaze unyawo, kwaholela ekutheni alimale i-tissue ngaphansi konyawo ngasesithendeni. Ngeke akwazi ukuphosa kulomdlalo we-Test ngoba kuzodingeka ukuthi alulame amasonto amane ayela emasontweni ayisithupha, okusho ukuthi uzophuthelwa i-series kudlalwa ne-India.”

“Sesithintane nohlinza izinyawo namaqakala abahamba phambili abahlangene ne-medical committee ye-Cricket South Africa ukuthi amubheke kusasa ukusitshela ngemicabango yakhe kuyela phambili. Kubalulekile ukuthi ukulimala okwenzekile futhi okungajwayelekile ngendlela unyawo oluhlale ngayo kuma-foot-holes futhi akuhambisani nomthwalo wakhe wokuphosa noma ukungawulungeli umdlalo.”