u-Pandya ukopela ukuhlasela kwa-AB ukunciphisa ukuhola kwama-Proteas

Hardrik Pandya during day 2 of the 1st Sunfoil Test match between South Africa and India at PPC Newlands

Hardrik Pandya during day 2 of the 1st Sunfoil Test match between South Africa and India at PPC Newlands

u-AB de Villiers uthathe ithuba ngosuku lokuqala lomdlalo we-Sunfoil Test wokuqala e-PPC Newlands ngesikhathi eshaya o-4 abane kuphosa u-Bhuvneshwar Kumar nge-over yakhe yesihlanu ngesikhathi lomdlali ophosa ngokushesha ethusa ngokukhipha abashaya phezulu kum-Standard Bank Proteas.

Ngosuku lwesibili kube ithuba lika-Hardik Pandya ukwenza okucishe kufane njengoba eqale ngokuhlasela ngo-4 abathathu abathole nge-over ka-Vernon Philander njengoba ashaya nabo bahlulekile ekushayeni amabhola akhe.

Ngaphambi kwalokho u-Philander ebesethathe u-2/6 kuma-overs angu-10 awaphosile ngosuku futhi i-India yavithikela ku-92/7 ama-Proteas ngathi ebelindele ukuba ngaphambili kwi-innings yokuqala ngama-runs angu-150.

Kodwa u-Pandya ulethe ukuhlasela obekudingeka futhi ebezimisele ekutholeni ikhulu lakhe lesibili kuma-Test nge-strike rate edlulile ku-100. Wahlangana no-Kumar ohlalile bahlanganisa i-partnership yama-runs angu-99 nge-wicket yesishagalombili futhi wagcina ephumile u-Pandya ekhishwa u-Kagiso Rabada ngo-93 (95 balls, 14 fours, 1 six).

Kube i-innings yomdlali okwenza konke ebilindelwe ku-Kapil Dev noma u-Ian Botham futhi lokho okutholwa i-India kulomdlalo bazosibona isidingo sokudlalisa okwenza konke ku-No. 6.

Akamusha ekuhlaseleni. Kumdlalo wakhe wokuqala kwi-Test series e-Sri Lanka wangena ku-No. 8 futhi wathola ikhulu lakhe lokuqala (108 off 96 balls). Lokhu kubalwa i-partnership yama-runs angu-66 nge-wicket yokugcina no-Umesh Yadav owashaya ama-runs amathathu kuphela.

Uphinde wathatha ithuba ama-Proteas eseshaya futhi, wathola ama-wicket abadlali abavula umdlalo ngesikhathi lapha umdlalo kade usubashiya. U-Aiden Markram no-Dean Elgar bakwaze ukuhlanganisa i-partnership yabo yesibili yama-runs angu-50 njengoba benama-partnership amabili adlulile kwikhulu kuma-innings ayisithupha asebewadlale bobabili phezulu.

Ama-Proteas akwazile ukubambelela ngasekupheleni kosuku, beguqule ukuba ngaphambili kwi-innings yokuqala ngama-runs angu-77 kwaba ama-runs angu-142 nama-wicket ayisishagalombili asele.

Balahlekelwe u-Dale Steyn ongathi ulimele isithende ngaphambi kwekhefu letiye yikho okubi kodwa bazoncike ekushesheni kanye nokuhlasela u-Rabada aphose ngakho nge-innings ye-India futhi basanama-specialist amane abangawasebenzisa.

I-Sunfoil Education Trust (SET) isithole u-R142 000 ezinsukwini zokuqala ezimbili.