Ukukhetha iqembu okunzima kakhulu lokhu - u-Du Plessis

Standard Bank Proteas captain, Faf du Plessis.

Standard Bank Proteas captain, Faf du Plessis.

Ukapteni wama-Standard Bank Proteas, u-Faf du Plessis, uyavuma ukuthi ukukhetha iqembu lomdlalo wokuqala we-Test kudlalwa ne-India ozoqala e-PPC Newlands ngoLwesihlanu uzobanzima esikhathini sakhe njengokapteni. Okokuqala lapha u-Du Plessis ezobe enayo yonke imithombo selokhu abekwa njengokapteni kuma-season amabili adlulile, abaphosayo abaqinile kanye nokubuya kuka-AB de Villiers no-Dale Steyn okulenza kube iqembu elinamandla.

Uthi iqembu labadlali abangu-11 lizokhethwa mayelana nenhlangano ezohambelana nesimo sase-Newlands.

"Ukukhetha kuzobanzima kunalokhu esakesadlula kukho, kunzima," esho emuva ebusuku ngaphambi kumdlalo e-Newlands. "Ziningi izinhlanganiselo esingazibheka kodwa inkinga enhle leyo. Yebo kungenzeka (ukuthi kudlale ama-seamer amane) kodwa sisakhuluma ngokuthi iliphi iqembu elinzima labadlali abangu-11."

"Zonke izindlela ozibhekayo uma ukhetha iqembu zinzima," esho echaza. "Sizothatha isinqumo esikholwa ukuthi sifanele i-Newlands. Ngokuma kweqembu lethu, nezinketho ezihlukile, ungacishe ukhethe iqembu elihlukile kuzonke izinkundla."

Le-series kungaba eyokugcina iningi labadlali abakhulile bangadlala ne-India ekhaya, futhi kuyagqugquzela 'ekulinganiseni' izinto emuva kokushawa ngo-2015. Nokho ukunqoba i-series kungeke kwanele ukuthi ama-Proteas aketule i-India esicongweni sama-ICC Test rankings, umqhudelwano ophakathi kuka-No. 1 no-No. 2 emhlabeni uzobe ujabulisa.

"Kuhle ukuthi kukhona ukubaluleka kule-series, ama-series amakhulu ayisizathu sokuthi sidlala," kusho u-Du Plessis. "Asinayo i-Ashes ngakhoke kuhle ukubona i-South Africa idlala i-series ne-India (i-Freedom Series) ingaqala ikhulele kuleso sigaba. Abadlali abangu-22 abahamba phambili emhlabeni abazobe beqhudelana emasontweni amane azayo, kuyajabulisa."

“Angazi ukuthi enye i-Test series sidlala ne-India izobe inini kodwa ngicabanga ukuthi ikude,” kusho u-Du Plessis. “Mhlawumbe iseminyakeni emithathu ezayo uma ubheka kanjalo, okokugcina labadlali (abadala) bezodlala ne-India. Ayikho indlela engcono yokwenza kunokudlala i-series e-South Africa. Saphoxeka sigcina ukuya khona, kumele siphindisele, ngakho siyijabulele le-series.”

u-Du Plessis useluleme ngokuphelele emuva kokulimala iqolo namahlombe okwenza angadlali kusukela ngo-October, futhi uzizwa emusha futhi egqugquzekile ukuhola iqembu kumdlalo wokuqala obalulekile.

"Ngihambise i-Ferrari ukuthi iyokhandwa," esho edlala. "Ngiqale ngokuhlinzwa umhlane kwalandela ukuhlinzwa emahlombe. Bekucasula ngezinye izikhathi, konke bekuhamba kancane kunalokhu ebengikucabanga. Ngatshelwa amasonto ayisithupha kodwa kwadlula lapho, sisemasontweni angu-11 futhi ngizwa sengathi manje ngikulungele ukudlala."

"Ngikulangazelele ukudlala futhi," esho eqhubeka. "Ngangiyothanda ukudlala ne-Zimbabwe ukuthola ukushaya nje kodwa kuzwakala kahle ukushaya, ngithemba sengathi ngingaqhubeka kwi-season edlulile."