u-Mahatlane uyajabula ngenqubekaphambili yama-U19 ngaphambi kohambo lokuya kwi-World Cup

SA U19s coach, Lawrence Mahatlane.

SA U19s coach, Lawrence Mahatlane.

I-Coca-Cola South Africa U19 iqale kahle ngosuku lokuqala lekempu yabo yokugcina ngaphambi kwe-ICC U19 World Cup e-Cricket South Africa (CSA) Centre of Excellence ePitoli ngoLwesibili.

Lomqhudelwano owenzeka njalo eminyakeni emibili izobona abadlali abancane beqhudelana namanye amaqembu angu-15 ukuze banqobe kumqhudelwano wesi-12 ozoqala ngo-13 January 2018. Abaphethe indondo, i-West Indies, abaphethe uhlelo, i-New Zealand ne-Kenya bakwisixuku u-Group A ne-South Africa.

Umqeqeshi, u-Lawrence Mahatlane uyajabula ukubona ukuthi abadlali bakhe bakugcinile ukuqina kwabo emuva kokuthi iqembu lihlukane ekupheleni kwe-triangular series ne-England ne-Namibia. Ukholwa ukuthi iqembu lihamba kahle kuyela kumqhudelwano.

“Okunye okubalulekile kithina ukunika abadlali ukuphumula emasontweni amabili adlulile futhi ngijabulile lapha bekhona,” kuphawula u-Mahatlane. “Abadlali abaningi emuva kwe-triangular series badlala kwi-Coca-Cola Khaya Majola Week, kwathi abanye badlala kwimidlalo ye-provincial noma ye-franchise, ngakho ngiyajabula ngemidlalo abayithola kanye nokuphumula phakathi.”

“Namhlanje kube usuku olude, ngasekuqeqesheni sizame ukwenza konke futhi ngiyajabula ngalapha abadlali bekhona. Ngicabanga ukuthi kukhokonke, ngomqondo ovulekile, izinhlelo zabo zomdlalo kanye nokuqina kwabo, sibheke endaweni enhle njengoba kusondela i-World Cup.”

Iqembu lihambela umqhudelwano ngoLwesine, 04 January ngendiza ye-Emirates EK766 ngo-22:20.

Coca-Cola South Africa Under-19s ICC World Cup squad:

Raynard van Tonder (capt, Free State), Matthew Breetzke (Eastern Province), Jean du Plessis (South Western Districts), Jason Niemand (Border), Gerald Coetzee (Free State), Jade de Klerk (Eastern Province), Fraser Jones (KZN Inland), Wandile Makwetu (Gauteng), Andile Mogakane (KZN Coastal), Kgaudise Molefe (Gauteng), Thando Ntini (Western Province), Jiveshen Pillay (Northerns), Hermann Rolfes (Northerns), Kenan Smith (Eastern Province), Akhona Mnyaka (Border).

Management:
Lawrence Mahatlane (Head Coach), Wandile Gwavu (Assistant Coach), Chris van Noordwyk (Assistant Coach), Riaan Osman (Manager), Kyle Southgate (Performance Analyst), Lizahn Naude (Physiotherapist), Sipokazi Sokanyile (Media Liaison), Runeshan Moodley (Fitness Trainer), Robin Peterson (Technical Consultant), Maurice Aronstam (Mental Conditioning Coach).