u-Du Plessis uzophuthelwa i-Test ye-Zimababwe; u-De Villiers uzoba ukapteni

Standard Bank Proteas captain, Faf du Plessis.

Standard Bank Proteas captain, Faf du Plessis.

Ukapteni wama-Standard Bank Proteas, u-Faf du Plessis, ukhishiwe kumdlalo we-day-night we-Sunfoil Test bedlala ne-Zimbabwe ezoqala e-St George’s Park ngoLwesibili. U-Du Plessis uthole i-viral infection kulelisonto, okunwebe ukungabuyi kwakhe ngokululama kulandela ukulimala iqolo namahlombhe.

u-De Villiers ubekwe njengokapteni ozomela kulomdlalo owodwa.

I-team manager yama-Proteas, u-Dr Mohammed Moosajee echazile ngokuphuma kwa-Du Plessis: “u-Faf ebelulama kahle emuva kokulimala iqolo namahlombhe futhi kuze kube isonto elidlulile, bekuhamba kahle ukuthi abuye kulomdlalo. Ube ne-respiratory tract infection enwebe ukululama kwakhe kulelisonto, futhi kwenze kwabanzima ukuthi alulame ngokuphelele ukuze abekhona kulomdlalo. Uzoqhobeka athole imithi kanye nokuzivuselela kabusha kwi-physiotherapist, u-Craig Govender, futhi sithemba ukuthi uzolulama ngesikhathi sokuhola iqembu kumdlalo wokuqala we-Test bedlala ne-India ezoqala eKapa ngo-January 5.”

Ephawula ngomuntu ozongenela ukapteni, i-National Selection Panel Convener, u-Linda Zondi uthe: “Kubi ukuthi u-Faf uyaphuthelwa ngenxa yokulimala kodwa kungcono sigade ngaphambi kwehlobo elimatasa lwekhilikithi ekhaya. u-AB usehole i-South Africa kwikhilikithi emfushane nama-Test futhi isipiliyoni sakhe kanye nolwazi lizodlala indima emangazayo kulomdlalo wokuqala we-Test ye-season. Kukanye lokhu futhi siyamubonga u-AB ngokwamukela lesinqumo ngolwazi olufushane. ”