u-Miller ushaye i-Bangladesh yaze yagoba

David Miller of South Africa on the attack during the 2nd KFC T20 match between South Africa and Bangladesh at Senwes Park on October 29, 2017 in Potchefstroom, South Africa. (Photo by Gordon Arons/Gallo Images)

David Miller of South Africa on the attack during the 2nd KFC T20 match between South Africa and Bangladesh at Senwes Park on October 29, 2017 in Potchefstroom, South Africa. (Photo by Gordon Arons/Gallo Images)

u-David Miller ubhale igama lakhe emarekhodini ekhilikithi emfushane njengoba eshaye ikhulu elishesha kunawo wonke emlandweni wekhilikithi yama-T20 International ukuhlelela ama-Standard Bank Proteas ukuthi anqobe ngama-runs angu-83 kumdlalo wokugcina we-tour ye-Bangladesh e-Senwes Park ngeSonto.

Ukunqoba kunike ama-Proteas ukunqoba ngo-2-0 kwi-series ye-KFC T20 International futhi kubenze banqoba nge-whitewash kuwona womathathu ama-format.

u-Miller uhlanganise ikhulu lakhe emabholeni angu-35 okusheshe ngamabhola angu-10 ukudlula owayedlalela ama-Proteas, u-Richard Levi. Uphinde waba umdlali wase-South Africa wesine wokuthola ikhulu le-T20 International emuva kuka-Levi, u-Morne van Wyk no-Faf du Plessis. Uphinde washodelwa ukushaya okukodwa ukulingana no-Yuvraj Singh owashaya o-six abayisithupha kwi-over eyodwa. Ushaye amabhola okuqala amahlanu aphume ku-Saifuddin ezihlweleni kodwa wahluleka ukukha elesithupha wavele wathola i-run eyodwa.

Kutholwe ama-runs angu-31 kuleya-over yena wasuka ku-51 waya ku-100 emabholeni angu-13 kuphela, ngesikhathi ehlasela wathola o-six abayisithupha kanye no-four ababili.

Ngebhadi le-Bangladesh uphunyukile ngaphambi kokuthi athole i-run kodwa emuva kwalokho akubanga nje i-Miller Time kodwa kwaba i-Miller day.

Aze aqale ukuhlasela, bekubukeka sengathi u-Hashim Amla angaba owesine we-South Africa ukuthola ikhulu njengoba efike ku-85 emabholeni angu-51 (11 fours, 1 six) ngaphambi kokuthi anqakwe kwi-deep kodwa u-Miller uqhubekile (101 engaphumile emabholeni angu-36, 7 fours, 9 sixes).

Ngesinye isikhathi i-Bangladesh ibukeke kahle emdlalweni ngesikhathi inciphisa ama-Proteas ku-45/2 kuma-overs ayisithupha e-power play no-78/3 emuva kwama-overs angu-10 kodwa lokho bekusakuncane ngaphambi kokuhlasela.

Ukapteni we-Bangladesh u-Shakib Al Hasan, ovule ngokuphosa kwi-pitch ehamba kancane, wathola u-2/24 kuma-overs akhe amane kodwa udlulwe ukapteni we-South Africa u-JP Duminy endimeni efanayo ngesikhathi ethola u-2/23.

i-Bangladesh ilahlekelwe ama-wicket amaningi ngesikhathi bejaha umphumela, balahlekelwa abadlali abaphezulu abane kuma-over e-power play.

Aqhubekile nokuphuma ngokulandelana ama-wicket njengoba i-run rate ebifunwa igcine isiphumile esandleni, yafika ku-23 kuma-overs okugcina amahlanu. Nangesikhathi kuhlasela u-Miller kusele ama-wicket ambalwa, ama-Proteas athole ama-runs angu-90 kuma-overs okugcina amahlanu.

u-Miller ube i-KFC Man of the Match ne-KFC Man of the Series.