Ama-Proteas ahlose ukulawula i-Bangladesh

JP Duminy during the South African national cricket team training session at Mangaung Oval on October 25, 2017 in Bloemfontein, South Africa. (Photo by Frikkie Kapp/Gallo Images)

JP Duminy during the South African national cricket team training session at Mangaung Oval on October 25, 2017 in Bloemfontein, South Africa. (Photo by Frikkie Kapp/Gallo Images)

Iqembu lama-Standard Bank Proteas le-T20 lizifakele inselelo lokuthi baqhubeke ngendlela efanayo yokugcindezela njengakuma-Test nama-ODI uma bebhekana ne-Bangladesh kumdlalo wokuqala we-KFC T20 International e-Bloemfontein ngoLwesine. Iqembu libukeka lilisha njengoba linabadlali abasha, abazobe bethemba ukubonakala kumqeqeshi omusha, u-Ottis Gibson.

u-JP Duminy uzohola iqembu njengoba engekho u-Faf du Plessis, wagcina ukuba ukapteni weqembu behlulwe ngo-2-1 bedlala ne-Australia ngo-2014. U-Duminy ucacisile ngezifiso zeqembu kanye nezinhloso ngaphambi komdlalo wokuqala e-Mangaung Oval, okuzoletha ugesi omusha ofakiwe ama-LED okokuqala ngoLwesine ebusuku.

u-Duminy uthi nokho i-Bangladesh ihlulekile ukulingana nama-Proteas kuyona yonke imidlalo kuhambo lwabo, bazobanesindo kumdlalo omfushane wekhilikithi.

“Ubufushane benhlobo yekhilikithi kwenza amaqembu asondelane,” kusho u-Duminy ekhuluma nezintatheli ngoLwesine. “i-Bangladesh iyiqembu elinzima kuma-T20, silindele umqhudelwano ovuthayo kulemidlalo emibili. Inhloso yethu, njengakuma-Test nama-one-day, ukunqoba i-series ngo-2-0, sizogxila lapho.”

“Zimbili izindlela zokubuka,” ekhuluma ngohlelo lezivakashi. “Kungabanzima ngoba angeka balahlekelwe yilutho. Noma ngathi sebeseduze ukubheka ekhaya. Kuzocaca kusasa. Thina njengeqembu sizogxila kulokhu esifuna ukukunqoba kule-series.”

Okwenza konke kuma-Hollywoodbets Dolphins, u-Robbie Frylinck, uyena omusha eqenjini, okubalwa khona abadlali abaningi abafuna ukudlala indima kwikhilikithi emfushane. Abakhethayo babukeka bekulungele ukuqhubeka nokunika abadlali ithuba, okuveze abadlali abasha bakusasa enyangeni edlulile.

“Ithuba elihle kuyena uma edlala,” ekhuluma ngo-Frylinck. “Akubalulekile ukuthi ukuthi ufika eneminyaka engakanani, ufika nesipiliyoni esiningi futhi usedlale imidlalo eminingi kwi-franchise yakhe. Isipiliyoni sikhona, okubalulekile kuye ukusebenzisa amakhono akhe kulenhlobo yencindezi.”

“Yilapha esihlolwa khona sonke,” esho eqhubeka. “Izinga eliphezulu lapha abadlali abafuna ukudlala khona, uma ungahlola amakhono akho lapha futhi uphume phezulu, yilapha la ofuna ukudlala khona.”




Umdlalo kumele uqale ngo-18h00. Amathikithi angathengwa ku-www.ticketpros.co.za

Standard Bank T20 International squad: Hashim Amla (WSB Cape Cobras), Farhaan Behardien (Multiply Titans), Quinton de Kock (bizhub Highveld Lions), AB de Villiers (Multiply Titans), JP Duminy (WSB Cape Cobras, capt), Robbie Frylinck (Hollywoodbets Dolphins), Beuran Hendricks (bizhub Highveld Lions), David Miller (VKB Knights), Mangaliso Mosehle (bizhub Highveld Lions), Dane Paterson (WSB Cape Cobras), Aaron Phangiso (bizhub Highveld Lions), Dwaine Pretorius (bizhub Hughveld Lions), Andile Phehlukwayo (Hollywoodbets Dolphins), Tabraiz Shamsi (Multiply Titans).