Ngokulimala ka-Faf du Plessis

Faf du Plessis.

Faf du Plessis.

Ukapteni wama-Standard Bank Proteas, u-Faf du Plessis, ngeke akwazi ukudlala cishe amasonto ayisithupha ngenxa yokulimala iqolo. U-Du Plessis ulimale ngesikhathi kudlalwa umdlalo wesithathu we-Momentum One-Day International (ODI) kudlalwa ne-Bangladesh ngeSonto, ukuhlolwa kuveza uhlobo lokulimala.

u-Dr Mohammed Moosa, i-team manager yama-Proteas uthe: “u-Faf ubhekwe ama-specialist ethu eKapa ngoMsombuluko. Okunye ukuhlolwa kanye nokubhekwa kuveze ukuthi une-acute lumbar disc injury. Uzodinga isikhathi sokuphumula kanye nokululama emasontweni ayisithupha. Silindele ukuthi uzobe ekulungele ukudlala kumdlalo we-Test ne-Zimbabwe ngo-December.”