i-CSA imemezela iqembu lama-U19 le-triangular series ne-England ne-Namibia

Raynard van Tonder and Wandile Makwetu in action for the SA U19s in Paarl.

Raynard van Tonder and Wandile Makwetu in action for the SA U19s in Paarl.

NgoLwesibili i-Cricket South Africa, imemezele iqembu le-Coca-Cola South Africa U19 elizodlala ne-England ne-Namibia kwimidlalo emihlanu ye-Youth One-Day International (ODI) Triangular Series kusukela ngo-30 November kuye ku-10 December 2017 e-Potchefstroom.

I-series izoba ithuba lokugcina lokuthi abakhethayo babheke abangadlala kwi-ICC U19 World Cup ezodlalelwa e-New Zealand ngo-2018.

u-Raynard van Tonder uzoba ukapteni weqembu okwesibili futhi ulibhekile lelithuba lesibili lokuhola futhi uthemba ukuthi anganqoba. Labadlali abancane bashodelwa ama-runs amabili ukunqoba umdlalo wokugcine emidlalweni amihlanu bedlala ne-West Indies ngo-June kulonyaka, bahlulwa ngo-3-2 kwi-series bedlala nabavikela isicoco.

“Kwakunzima ukwamukela ukuhlulwa kwi-series eThekwini sidlala ne-Windies, kodwa kube nekhilikithi eningi kusukela lapho kanye nokukhulu futhi hayi kimina kuphela, kodwa neqembu,” kuphawula u-Van Tonder. “Ngikubhekile ukuphinde ngibe ukapteni wabafana futhi, ngakujabulela ukuhola futhi ngafunda okuningi. Manje ngifuna ukuthatha lokhu engakufunda futhi ngikusebenzise kule-triangular series.”

“Abafana bajabulile futhi name ngijabulile, i-England kanye ne-Namibia banzima futhi yilokho esikudingayo ngaphambi kwe-World Cup.”

Umqeqeshi, u-Lawrence Mahatlane ukholwa ukuthi bathole ukulingana okulungile ngokuhlangana kwabasha kanye nabanesipiliyoni futhi ukulindele ukubona ukuthi iqembu lakhe lizoqhuba kanjani nezifundo alazithola kuvakashe i-Windies.

“Ngiyajabula ngeqembu elihlanganisiwe abakhethayo,” esho. “Ngizwa sinabadlali abalungile kuzona zonke izigameko ezingabakhona kanye neqembu labadlali abasha abanomfutho. I-series izophinde ibe umsebenzi onzima kubadlali futhi indlela esizinikela ngayo kanye namakhono ethu kuzobaluleka.”

“Kuningi esikudlalelayo, uma ucabanga ukuthi sizohambela i-U19 World Cup esontweni lokuqala ku-January ngonyaka ozayo, kodwa kimina okwamanje, ukunqoba i-series kanye nokuqiniseka ukuthi siwenzile umsebenzi wezivivinyo esizobhekana nazo.”

Umqeqeshi uyawathemba amathuba iqembu kwi-triangula series futhi unelisekile ngogqozi oluvezwe abadlali kumakhempu ezinyangeni ezidlulile.

“Kwenza iqembu lithembise. Sengibonile ukuthi bakufuna kangakanani uma sihlangana kanye nendlela enhle abayithathile ezinyangeni ezibalulekile. Kuyangijabulisa ukubona ukuthi bazolethani uma sebebhekene namaqembu aqinile e-England ne-Namibia,” esho evala.

Coca-Cola South Africa Under-19s Youth ODI squad:

Raynard van Tonder (capt, Free State), Matthew Breetzke (Eastern Province), Jean du Plessis (South Western Districts), Jason Niemand (Border), Gerard Coetzee (Free State), Jade de Klerk (Eastern Province), Fraser Jones (KZN Inland), Wandile Makwetu (Gauteng), Andile Mogakane (KZN Coastal), Kgaudise Molefe (Gauteng), Jacob Miltz (Gauteng), Thando Ntini (Western Province), Jiveshen Pillay (Northerns), Hermann Rolfes (Northerns), Kenan Smith (Eastern Province), Mondli Khumalo (KZN Coastal), Akhona Mnyaka (Border).

Management:
Lawrence Mahatlane (Head Coach), Wandile Gwavu (Assistant Coach), Chris van Noordwyk (Assistant Coach), Riaan Osman (Manager), Kyle Southgate (Performance Analyst), Lizahn Naude (Physiotherapist), Sipokazi Sokanyile (Media Liaison), Robin Peterson (Technical Consultant).