Ama-Proteas aqede ngokunqoba i-ODI series

EAST LONDON, SOUTH AFRICA - OCTOBER 22: Series winners South Africa during the 3rd Momentum ODI match between South Africa and Bangladesh at Buffalo Park on October 22, 2017 in East London, South Africa. (Photo by Richard Huggard/Gallo Images)

EAST LONDON, SOUTH AFRICA - OCTOBER 22: Series winners South Africa during the 3rd Momentum ODI match between South Africa and Bangladesh at Buffalo Park on October 22, 2017 in East London, South Africa. (Photo by Richard Huggard/Gallo Images)

Ama-Standard Bank Proteas aqede i-Momentum ODI Series ngokunqoba ngama-runs angu-200 edlala ne-Bangladesh kumdlalo wokugcina e-Buffalo Park e-East London ngeSonto. Ukunqoba i-series ngo-3-0 kubabeke ku-No.1 kuma-ranking kulenhlobo yekhilikithi okwamanje.

Ukunqoba namhlanje kuphoxwe ukulimala iqolo kukapteni u-Faf du Plessis, obengaphumile ku-91 (67 balls, 10 fours, 1 six), ehlanganise i-partnership ye-wicket yesithathu yerekhodi kudlalwa ne-Bangladesh yama-runs angu-151 nomdlali omusha u-Aiden Markram.

Yilokho okumise ukapteni wase-South Africa ekutholeni ikhulu lakhe lesishagalolunye kulenhlobo yekhilikithi. U-Markram ubukeke sengathi angathola ikhulu lakhe lokuqala (66 off 60 bals, 4 fours, 2 sixes) ngaphambi kokuthi aphume nge-run out ezama ukuthola i-run yesibili. Waphuthelwa ngendlela efanayo ekutholeni ikhulu lakhe lokuqala nge-run out.

u-Du Plessis ngeke adlale kwi-KFC T20 international Series ngesonto elizayo njengoba u-JP Duminy ezoba ukapteni futhi u-Dwaine Pretorius ozongenela u-Du Plessis. U-AB de Villiers ubambe ukuba ukapteni kumdlalo wanamhlanje.

Iphinde yakhokha i-Bangladesh ngokungawatholi ama-wicket ngasekuqaleni kanye nokungaqali kahle kwayibona. Akuwenzanga umehluko ukungabibikho kuka-Hashim Amla ku-Quinton de Kock no-Temba Bavuma abahlanganise i-partnership yokuqala yama-runs angu-119 akuhlelela ama-Proteas umphumela omuhle kuyona yonke bedlala ne-Bangladesh engu-369/6 futhi baphunyelwe ama-wicket angu-12 kuyona yonke i-series.

Ngesikhathi kushaya i-Bangladesh, balahlekelwe ama-wicket amathathu kuma-overs ayisithupha ku-Kagiso Rabada no-Dane Paterson futhi kube ukuphela komqhudelwano. U-Paterson uqhubeke waqeda ene-career best engu-3/44 kwathi abadlali abasha, u-Markram no-Wiaan Mulder, bathole ama-wicket amathathu phakathi kwabo.

u-De Kock, u-Amla no-De Villiers bacishe bahlanganisa ama-runs angu-600 phakathi kwabo kwi-series, u-De Kock ube i-Man of the Series bese u-Du Plessis ube i-Man of the Match namhlanje.

Ukuba khona kuka-Bavuma, u-Markram (onqake ngendlela encomekayo kwi-slip) kanye no-Mulder olethe ubusha ekuvimbeni kwama-Proteas.