Ama-Proteas abheke ukunqoba ngo-3-0

South Africa's JP Duminy

South Africa's JP Duminy

Uthi u-JP Duminy ama-Standard Bank Proteas azimisele ngokuqhuba ukungahlulwa kumdlalo wokugcina we-Momentum One-Day International (ODI) bedlala ne-Bangladesh e-Buffalo Park e-East London ngeSonto. Ama-Proteas angaphambili ngo-2-0 emuva kokunqoba kahle ngama-runs angu-104 e-Paarl ngoLwesithathu, futhi babheke ukunqoba i-series ngo-3-0.

u-Duminy ukholwa ukuthi iqembu lisagqugquzekile ukunqoba abakufuna ngaphambi kwe-series, ngaphandle kokuthi umdlalo usenxenyeni eyodwa okwamanje. Uchazekile ngezinga eliphezulu elibekiwe futhi elihlanganile kuyona yonke i-series, futhi ulindele omunye umdlalo osezingeni ukuqeda i-series.

“Esikhulume ngakho ngaphambi kokuthi kuqale i-series ukuthi besifuna ukuhamba no-3-0, besigxile lapho,” kusho u-Duminy e-East London ngoMgqibelo. “Yebo sibenemidlalo embili emihle kodwa lokho akususi lutho kulokhu obekubekiwe, okube ukudlala kahle ukuqeda i-series.”

“Emidlalweni emibili ngijabulile ngendlela esisebenze ngayo,” kusho u-Duminy. “Indlela esidlale kahle ngayo yonke indawo. Sigxile kakhulu kulokhu esizama ukukunqoba futhi ngenhlanhla yethu sibahlule kuzona zonke izindawo. Akususi lutho ekutheni kuzokwenzakalani kusasa, ngisakholwa ukuthi i-Bangladesh izophuma futhi izame ukusikhombisa ukubuyela kule-tour.”

u-David Miller uzobhekwa ukuqina ngeSonto ekuseni ukubheka ukuthi angadlala yini, u-Hashim Amla uyena oshintshiwe kubadlali abazoqala abangu-11.

“U-Hashim uphunyuziwe ngakho indawo yakhe ivulekile,” kusho u-Duminy. “Ngabanye abakhethiwe, angazi ukuthi kuzongena bani noma ubani ozophunyuzwa. Kuvula amathuba ambalwa ukuze abanye abadlali bathole ithuba ngakho kuzomele silinde futhi sibone ukuthi abakhethayo bazokwenzani.”

Ama-Proteas asenqobe imidlalo engu-13 emidlalweni angu-17 kwinkundla enama-runs amancane, ene-average ye-innings yokuqala engu-242 kwimidlalo yosuku. I-West Indies yakhishwa ngo-122 kwi-ODI yokugcina eyadlalelwa khona ngo-2015, u-Hashim Amla (61) no-Faf du Plessis (51) bethola ama-runs amaningi kwanqotshwa ngama-wicket ayisishagalolunye.

“I-pitch ibukeka iyinhle e-East London,” kuchaza u-Duminy. “Kujwayele ukuba i-wicket ephansi futhi eyenza kancane, ngezinhlelo zethu zomdlalo ukuba nesiqiniseko sokuthi konke kumikahle nokuthi izinhlelo zethu zomdlalo zimikahle ukubhekana nesimo.”

Umdlalo kumele uqale ngo-10h00.



Match Broadcast Details
SuperSport 2 Channel 202 09h30 (CAT)

SABC 3 09h30

Facebook - www.facebook.com/cricketsouthafrica

Twitter - OfficialCSA

Hashtags: #ProteaFire #SAvBAN

Sunday, 22 October
3rd Momentum ODI
South Africa v Bangladesh, Buffalo Park East London
10h00