Abadlali abadala badlala indima ekubuseni kwama-Proteas

Kagiso Rabada of the Proteas celebrates the wicket of Soumya Sarkar of Bangladesh during day 2 of the 2nd Sunfoil Test match between South Africa and Bangladesh at Mangaung Oval on October 07, 2017 in Bloemfontein, South Africa. (Photo by Lee Warren/Gallo Images)

Kagiso Rabada of the Proteas celebrates the wicket of Soumya Sarkar of Bangladesh during day 2 of the 2nd Sunfoil Test match between South Africa and Bangladesh at Mangaung Oval on October 07, 2017 in Bloemfontein, South Africa. (Photo by Lee Warren/Gallo Images)

Kube usuku lwabadlali abadala bama-Standard Bank Proteas ukudlala indima njengoba i-South Africa iqhubekile nokubusa kumdlalo wesibili we-Sunfoil Test bedlala ne-Bangladesh e-Mangaung Oval ngoMgqibelo.

Ekupheleni kosuku lwesibili, ama-Proteas ebengaphambili ngama-runs angu-426 kwi-innings yokuqala ukubeka u-Faf du Plessis endaweni yokuthi abenze bathathe i-follow on ngaphambi kokuphela komdlalo.

Usuku luqale ngo-Hashim Amla (132 off 163 balls, 17 fours) no-Du Plessis (135 not out off 181 balls, 15 fours) okuhlele i-partnership ye-wicket yesine eyirekhodi bedlala ne-Bangladesh yama-runs angu-247. Abavule umdlalo u-Aiden Markram no-Dean Elgar bethole amakhulu osukwini layizolo lokhu kube okwesibili kuphela lapho ama-Proteas ethole khona amakhulu amane kwi-innings eyodwa yama-Test.

Okokugcina lokhu kwenzeka bebedlala ne-West Indies e-Antigua ngo-2005.

u-Kagiso Rabada uyiphucile i-Bangladesh umdlalo ngokuthola i-five-wicket haul yesithupha (5/33 kuma-overs angu-13.5 overs) njengoba izivakashi zikhishwe zonke ngama-runs angu-147 kuma-overs angu-42.5. u-Rabada usethathe ama-wicket angu-49 kulonyaka okumenza ahambe phambili emhlabeni nama-wicket angu-97 kumdlalo wakhe wesi-22 wama-Test.

Uma ethole amanye ama-wicket amathathu kwi-innings yesibili uzolingana nowesithathu kuhla lwe-South Africa kukhona u-Vernon Philander (imidlalo engu-17) no-Dale Steyn (imidlalo engu-20) abafika khona ngokushesha.

Umdlali oyedwa we-Bangladesh odlale kahle, u-Litton Das, otshengise isu lokusebenza elihlule adlalanabo futhi watshengisa ukuthi kungenziwa uma kunokuzimisela kanye nokwenza. Uhlanganise cishe uhafu womphumela we-Bangladesh (70 off 77 balls, 13 fours) ngaphambi kokuba umdlali wesine wokukhishwa u-Rabada.

Omunye umdlali odlala phezulu odlale kahle kube u-Imrul Kayes.