Sifuna omunye umdlalo ophezulu – u-Du Plessis

Faf du Plessis during the South Africa national mens cricket team training session and media interviews at Mangaung Oval on October 04, 2017 in Bloemfontein, South Africa. (Photo by Frikkie Kapp/Gallo Images)

Faf du Plessis during the South Africa national mens cricket team training session and media interviews at Mangaung Oval on October 04, 2017 in Bloemfontein, South Africa. (Photo by Frikkie Kapp/Gallo Images)

Ukapteni wama-Standard Bank Proteas, u-Faf du Plessis, ucele ‘omunye umdlalo ophezulu’ kumdlalo wesibili we-Sunfoil Test bedlala ne-Bangladesh ezoqala e-Mangaung Oval ngoLwesihlanu. u-Du Plessis uchaze ukunqoba ngama-runs angu-333 kumdlalo wokuqala we-Test ubungenawo ‘amaphutha’, futhi usecele okufanayo kubadlali bakhe ukungaguquguquki okufanayo ukuyivala kahle i-series.

“Sifuna omunye umdlalo ophezulu,” u-Du Plessis ekhuluma ngaphambi komdlalo e-Bloemfontein ngoLwesine. “Uma sikhuluma iqiniso, kwisimo esifana nalesi, kubalulekile ukuthi senzelokho kwi-Bangladesh. Yebo, ngosuku lwabo bayingozi kodwa kuzomele sibafake incindezi futhi sizame ukubancisha amathuba emdlalweni lapha abangasihlula ngakhona.”

“Kulomdlalo kubalulekile kimina ukuthi singaguquki,” esho echaza. “Sadlala kahle izinsuku ezinhlanu e-Potch, akukho lapha uhafu we-session waba owe-Bangladesh, sadlala umdlalo ohamba phambili. Kubalulekile ukuthi siwulandelise ngomunye umdlalo lapha, ukuqhuba ngendlela efanayo yilokho esikufunayo.”

Ukulimala kuka-Morne Morkel kulethe izinkinga kulaba abakhethayo, abacabanga ukufaka umuntu pfana no-Morkel noma ukufaka umuntu okwenza konke. U-Du Plessis ulindele ukuthi isimo sizoshesha kunase-Potchefstroom, okugqugquzela abaphosa ngokushesha.

“Kuzobanzima, okukhulu ukulahlekelwa u-Morne,” ekhuluma ngokukhetha. “Ngasekukhetheni ufuna ukuba nesiqiniseko sokuthi ukuhlasela kusafana kubadlali abaphosayo. U-Morne, u-KG, u-Dale no-Vernon kuyaziwa ukuthi sizotholani, uma bengekho, awunaso isiqiniseko. Kubalulekile kithina ukubheka ukulingana eqenjini kodwa sibenabaphosayo abaqinile.”

i-Test series yokugcina ku-2017, futhi ukulimala okukhona kubadlali abahamba phambili ngokuphosa, ithuba elihle lokubheka abaphosa ngokushesha kwisizwe.

“Njengoba kushoda abadlali abakhulu, ikakhulukazi uma kudlalwa namaqembu afana ne-Bangladesh, kubalulekile ukubona ukuthi kukhona ini,” kusho u-Du Plessis. “Sinebhadi lokuthi abadlali bethu abane abaphosayo balimale ngesikhathi esifanayo, asibhekani nesimo esifana nalesi. Okokuqala ngibona umuntu ofana no-Patto (Paterson) nebhola elibomvu futhi ngikwazi nokubona ukuthi yini yini angayenza kanye namakhona kwisizwe sethu.”

Umdlalo kumele uqale ngo-10h00.