u-Paterson ungenela u-Morkel olimele

Dane Paterson

Dane Paterson

Ophosa ngokushesha kuma-WSB Cape Cobras, u-Dane Paterson, ufakiwe eqenjini lama-Standard Bank Proteas elizodlala umdlalo wesibili we-Sunfoil Test bedlala ne-Bangladesh ezoqala e-Manguang Oval e-Bloemfontein ngoLwesihlanu. u-Paterson uzongena endaweni ka-Morne Morkel, othole i-Grade two tear kwi-left abdominal oblique muscle ngesikhathi benqoba ngama-runs angu-333 e-Senwes Park e-Potchefstroom ngoMsombuluko.

i-Proteas team manager, u-Dr Mohammed Moosajee uchaze ukulimala: “u-Morne ukhale ngobuhlungu obuhlabayo ngasesinxeleni izolo futhi washeshe wayeka ukuphosa i-spell sakhe. Uma ebhekwa namhlanje ekuseni, kwatholakala ukuthi une-Grade two tear kwi-left abdominal oblique muscle, okumkhiphayo kwi-series. Uzodinga ukululama amasonto amane noma ayisithupha futhi uzozama ukubuyela i-T20 Global League ngo-November. ”

Iqembu lizoya e-Bloemfontein ngoLwesibili.

Standard Bank Proteas Test squad: Faf du Plessis (Multiply Titans, capt), Hashim Amla (WSB Cape Cobras), Temba Bavuma (WSB Cape Cobras), Theunis de Bruyn (VKB Knights), Quinton de Kock (Multiply Titans), Dean Elgar (Multiply Titans), Keshav Maharaj (Hollywoodbets Dolphins), Aiden Markram (Multiply Titans), Duanne Olivier (VKB Knights), Dane Paterson (WSB Cape Cobras), Andile Phehlukwayo (Hollywoodbets Dolphins), Kagiso Rabada (bizhub Highveld Lions), Wayne Parnell (WSB Cape Cobras).