u-Amla no-Elgar baqinisa isibambo sama-Proteas kwi-Test yokuqala

Dean Elgar of the Proteas the Sunfoil Test match between South Africa and Bangladesh at Senwes Park in Potchefstroom, South Africa. (Photo by Lee Warren/Gallo Images)

Dean Elgar of the Proteas the Sunfoil Test match between South Africa and Bangladesh at Senwes Park in Potchefstroom, South Africa. (Photo by Lee Warren/Gallo Images)

u-Dean Elgar ushodelwe i-run eyodwa ukuze ahlanganise ikhulu eliphindwe kabili futhi u-Hashim Amla uthole ama-runs adlulile kwikhulu okwesi-27 ngesikhathi ama-Proteas eqinisa isibambo sabo kumdlalo we-Sunfoil Test wokuqala bedlala ne-Bangladesh e-Senwes Park ngoLwesihlanu.

u-Elgar (199 off 388 balls, 15 fours, 3 sixes) no-Amla (137 off 200 balls, 17 fours, 1 six) bahlanganise ama-runs angu-215 nge-wicket yesibili, elandele u-196 ohlanganiswe u-Elgar no-Aiden Markram nge-wicket yokuqala. Lokho kuvumele u-Faf du Plessis ukuthi athathe i-declaration ngekhefu letiye ngosuku lwesibili ku-496/3 futhi bathola ama-wicket amathathu e-Bangladesh okubalwa khona i-wicket kakapteni, u-Mushfiqur Rahim ngaphambi kokuthi kuphele usuku.

Ibiwathola kahle ama-runs i-Bangladesh kodwa basashodelwa ama-runs angu-369.

Basathola iphutha labo elikhulu lokungayifaki specialist left-arm spinner eqenjini labo. u-Keshav Maharaj, wacikelela isimo se-off-stump yabashaya ngesandla sesinxele, usevele njengophosayo ozonqobela ama-Proteas umdlalo. Ebephosa ngesikhathi u-Mushfiqur ephunyuka kabili ngesikhathi enama-runs angu-20 futhi wagcina emukhiphile ngokunqaka kuka-Markram kwi-short leg.

u-Markram usenqake kabili kumdlalo wakhe wokuqala osahamba kahle futhi uphinde anike ama-Proteas umdlali onomdlandla enkundleni futhi onqaka kahle. Ukuthi uyakwazi nokuphosa i-spin ngesinye isikhathi kusho ukuthi angathola enye indima angayidlala kulomdlalo.

Ama-Proteas azofuna ukuqinisekisa ukuphoas kwabo uma umdlalo uqhubeka kusasa kodwa bahamba phambili emdlalweni.

u-Elgar uyaqhubeka nokushaya ngendlela emangalisayo futhi uyasondela ekutholeni ama-runs angu-1 000 kuma-Test onyakeni owodwa. Usaku-966 nge-average engu-53.66.

u-Amla wenza kwabukeka kulula ukuthola ama-runs njengoba kade ikora ngokushesha kwi-innings yakhe yonke futhi ama-Proteas anomdlali wabo ohamba phambili ngokushaya ekwi-form ekuqaleni kwe-season kulimisa kahle iqembu lasekhaya.