Nganelisekile ngo-97 - u-Markram

Aiden Markram of the Proteas celebrates half century  (Photo by Lee Warren/Gallo Images)

Aiden Markram of the Proteas celebrates half century (Photo by Lee Warren/Gallo Images)

u-Aiden Markram ugxile kulokhu okuhle kunokuphoxeka ngokungalitholi ikhulu kumdlalo wakhe wokuqala wama-Test, emuva kosuku lokuqala lokubusa lomdlalo we-Sunfoil Test bedlala ne-Bangladesh e-Potchefstroom ngoLwesine.

Lomdlali oneminyaka engu-22 ushodelwe ama-runs amathathu okuba umdlali wesikhombisa wase-South Africa ukuthola ikhulu ngomdlalo wakhe wokuqala, kodwa wazithola edidizela, okumbone ephuma nge-run out enama-runs angu-97 futhi kwaqeda iphupho elihle lokuqala umdlalo wakhe womhlaba.

“Ngijabule kakhulu ukwamukela,” ekhuluma ngomdlalo wakhe ekupheleni kosuku, i-South Africa iku-298/1. “Ukube ungibuze izolo ebusuku ukuthi bengizowuthatha u-97, bengizowuthatha ngezandla ezivulekile, ngijabule kakhulu ngo-97.”

“Angikaze vele ngibuke umdlalo ngokuncikisela,” esho evuma. “Ngicabanga ukuthi bengikufunela yena (u-Elgar) kakhulu ngize ngibambeke. Kuyingxenye yomdlalo, kumele ukwamukele futhi udlule lapho. Ebephatheke kabi kakhulu. u-Dean nami siqhamuka kude, futhi kunobungani phakathi kwethu. Bekunzima kuyena. Ngimutshelile ngekhefu letiye ukuthi kuzomele aqhubekele iqembu, yilokho okubalulekile. Uzibeke endaweni enhle ukwenza njalo.”

u-Markram ukhombise isimilo somdlali okhulile kwi-partnership yokuvula umdlalo ehsya no-Elgar, ongaphumile nama-runs angu-128. Labadlali sebavula imidlalo kaningi selokhu u-Markram aqala ukudlalela ama-Titans nge-season edlulile, futhi uqhubeke ngokukhululeka ngesikhathi se-partnership.

u-Elgar ube umdlali wama-Proteas onama-runs amangi onyakeni, nama-runs angu-895 nge-average engu-52.64, futhi akashintshashintshi kanye nokuba umholi ekushayeni ezikhathini ezinzima kulonyaka. u-Markram uthi iqembu lithathe ukugqugquzeleka okuningi kwisibindi sika-Elgar kanye nemidlalo ekhuthazayo kwi-season, okuhambelana naye lomdlali oshaya ngesandla sesinxele.

“Sinenhlonipho enkulu,” ekhuluma ngo-Elgar. “Akulula kumdlali ovula umdlalo ukuthi ashaye usuku lonke. Isifiso sakho leso, akujwayelekile ukuthi ngizibekele izifiso zokuthi ngizothola ama-runs amangakanani, kuba isifiso sesikhathi. Uma ushaya isikhathi eside, kuba lula futhi iqembu lima kahle.”

“Kumele umkhumulele isigqoko nge-innings ayidlalile u-Dean. Ngiyamujabulela ngokuthola elinye ikhulu. Ukwazi ukuthi ungumuntu onjani, uzothanda ukuhlasela kusasa. Unesimilo esiqinile, ulwa ngempela futhi siyakwazi lokho.”

“Kuhambelana nekhilikithi yakhe, uyinhlobo yomuntu ophakamisa isandla uma izinto zinzima. Akawatholi ama-runs uma kulula, uwathola uma kunzima, lokho kusiza iqembu. Uyisibonelo esihle futhi siyamujabulela ngokuhamba phambili ngama-runs kulonyaka.”

u-Elgar (128) no-Hashim Amla (68) bazoqhubeza i-innings uma umdlalo uqhubeka ngo-10h00 ngoLwesihlanu.