Ama-Proteas abhekana nomsebenzi wokuqala ngaphambi kwe-season ematasa ekhaya

POTCHEFSTROOM, SOUTH AFRICA - SEPTEMBER 27: Faf du Plessis of the Proteas during the South African national mens cricket team training session and press conference at Senwes Park on September 27, 2017 in Potchefstroom, South Africa. (Photo by Lee Warren/Gallo Images)

POTCHEFSTROOM, SOUTH AFRICA - SEPTEMBER 27: Faf du Plessis of the Proteas during the South African national mens cricket team training session and press conference at Senwes Park on September 27, 2017 in Potchefstroom, South Africa. (Photo by Lee Warren/Gallo Images)

Ukuqala kuka-Faf du Plessis njengokapteni we-South Africa kuwona wonke ama-format kufika ngomdlalo wokuqala we-Sunfoil Test bedlala ne-Bangladesh ozoqala e-Senwes Park e-Potchefstroom ngoLwesine. Ukapteni uthi le-series ithuba lokuthi ama-Proteas ‘aqale kabusha’, njengoba ezohola kanye nomqeqeshi u-Ottis Gibson.

Ama-Proteas azodlala imidlalo eminingi ekhaya kule-season, kuzobe kufike i-Bangladesh, i-Zimbabwe, i-India ne-Australia okubalwa khona imidlalo yomhlaba engu-23 kuwona wonke ama-format. Okwamanje, inselelo ise-Potchefstroom, ezoba inkundla enhle kuma-Proteas kumdlalo we-Test wesibili kuphela kuyona inkundla.

“Inkundla enjena angeke ithole ikhilikithi eningi yama-Test ngoba ziningi izinkundla,” esho ekhuluma nezintatheli e-Senwes Park ngoLwesithathu. “Kuhle kwidolobha elincane elifana ne-Potch ukuthola i-Test, ngethemba abafundayo bazophuma futhi baseseke. Kumnandi ukuhambisa umdlalo emazweni, asinayo inkinga ngalokho.”

Ukapteni wama-Multiply Titans, u-Aiden Markram, kuhlelwe ukuthi abe umdlali wesi-97 wama-Test ukudlalela i-South Africa kusukela kwi-re-admission uma edlala no-Dean Elgar ngaphezulu. Lomdlali oneminyaka engu-22 ukhulile kwizinga lama-domestic kusukela ehola i-South Africa U19 ekunqobeni indebe yomhlaba ngo-2014, futhi une-average engu-44.33 emidlalweni engu-34 e-first class kanye namakhulu ayisithupha no-50 abangu-11.

“Kimina kubalulekile ukuthi angalaleli yonke into eshiwoyo ngaye,” u-Du Plessis ekhuluma ngomdlali omncane. “Kubalulekile ukuthi agxile ekutheni udlala omunye umdlalo, angene sengathi uyodlalela ama-Titans. Ayikho ingcindezi phezukwakhe, ngizozama ukuyisusa kuyena ukuze akhululeke futhi abe nenkululeko yokudlala. ”

Indawo lapho u-Du Plessis kanye nabanye abashayayo abafuna ukuyilungisa kusukela nge-season edlulile ukuqhubeka kahle emuva kokuqala kahle bathole amakhulu. u-Dean Elgar owathola ikhulu bedlala ne-England, okwaphoxa njengoba ukushaya kahle kukhona eqenjini.

“Njengeqembu elishayayo asiwahlanganisanga ama-runs ebesithanda ukuwathola,” esho evuma. “Besinzima isimo e-England, uma ukhuluma nomuntu ofana no-Alastair Cook owathi isimo besinzima kunalesi asijwayele e-England futhi sewadlala imidlalo embalwa lapha.”

“Isimo sasekhaya lesi, yilapha okumele sikhuphule amasokisi futhi sithole ama-runs,” esho eqhubeka. “Kubukeka kuye-wicket enhle yokushaya futhi bonke abadlali bami kahle. Kusize wonke umuntu ukuyodlala kwi-Sunfoil Series kulempelasonto, sikuphele isikhathi eside ukuthi abantu bakwazi ukudlala khona. Kuningi okuzuzwe abashayayo, wonke umuntu wathola ikhulu kanye nama-runs amakhulu azosimisa kahle ngaphambi kwemidlalo emibili yama-Test.”