i-Faf du Plessis uzohola ama-Proteas kuma-format amathathu

Faf du Plessis.

Faf du Plessis.

I-Board of Directors e-Cricket South Africa (CSA) namhlanje limemezele ukuthi likuvumile okucelwe i-National Selection Panel ukuqoka u-Faf du Plessis njengokapteni weqembu lama-Standard Bank Proteas ngokukhulu ukushesha.

Uzothatha indawo ka-AB de Villiers owayeka ukuba ukapteni. Ngakho, u-Du Plessis uzoba ukapteni wama-Proteas kuwona womathathu ama-format.

“Siyamuhalalisela u-Faf ngokuqoka kwakhe ekuholeni kuma-ODI,” kuphawula i-CSA Chief Executive, u-Haroon Lorgat. “Uzigqamisile njengabaholi abahamba phambili kwikhilikithi emhlabeni futhi kubonakale njengoba eqokwe njengokapteni we-World XI kwi-T20 Series kudlalwa ne-Pakistan.”

I-series yakhe yokuqala ephethe iqembu lama-ODI bazobe bedlala ne-Bangladesh ngenyanga ezayo.