i-South Africa ‘A’, ne-India ‘A’ balungele umdlalo wokuqala wemidlalo yezinsuku ezine

Aiden Markram (Photo by Lee Warren/Gallo Images)

Aiden Markram (Photo by Lee Warren/Gallo Images)

Umqeqeshi wama-Powerade South Africa ‘A’ u-Shukri Conrad uyavuma ukuthi abagxilile ekuhlulweni kwi-final ye-One-Day Triangular series bedlala ne-India ‘A’ ekuqaleni kwesonto kodwa, bagxile kwimidlalo emibili yezinsuku ezine ezoqala e-Assupol Tuks Oval ePitoli ngoMgqibelo.

Iqembu lasekhaya lahlulwa ngama-wicket ayisikhombisa kwi-final, efike emuva komqhudelwano ohlangene futhi iqembu elishintshe kakhulu libheke ukubuya uma selidlala nezivakashi.

Okokuqala, kunokapteni omusha, u-Aiden Markram, obuyile kwi-tour yakhe yokuqala nama-Standard Bank Proteas, kanti iqembu liphinde libe no-David Miller, u-Duanne Olivier, u-Dane Paterson no-Andile Phehlukwayo, nabo abadlale indima efanayo kwiqembu lezwe ezinyangeni ezimbalwa e-England.

u-Conrad uthi babheke phambili hayi emuva.

“Ibiyinhle i-one-day series nokho sihluliwe kwi-final,” kusho u-Conrad. “Ngicabanga ukuthi i-toss yadlala indima, kodwa ngakho konke bengijabulile.”

“Sinabadlali abasha abaningi, umdlandla omusha. Kunesipiliyoni esiningi lapha kuleliqembu lomdlalo wezinsuku ezine, futhi uma kukhulunywa ngokuziqeqesha okudlulile, ngakho kuzoba amasonto ambalwa amahle.”

u-Conrad uphinde akholwe ukuthi abadlali abasha akubona kuphela abangakhuphula iqembu. Ukholwa ukuthi isimilo ukhiye.

Ngaphandle kwabadlali ababaliwe, kunabanye abakhulile abafuna ukudlala kahle kwi-series. Abadlali abafana no-Stephen Cook no-Dane Piedt nabo bakhona futhi umqeqeshi uthi bonke bafuna ukudlala indima.

Unezezele wathi: “Angazi ukuthi kungabadlali abathile, konke okufunayo abadlali abafuna ukudlala indima, abadlali abafuna ukuba lapha futhi abadlali abafuna ukudlala.”

“Angifuni ukugqamisa oyedwa, kodwa ngesibonelo uma uthatha u-David Miller, okumele abekhona noma ikuphi emhlabeni kwiqembu lama-T20 futhi ukhethe ukuba lapha. Lokho kusho okunungi ngokuthi u-David ungubani okwamanje nokuthi ufuna ukuzuza ini uma kuqhutshekelwa phambili. Nginesiqiniseko sokuthi abanye abadlali bazoba nalokho.”

Umdlalo wokuqala wemdlalo yezinsuku ezine ususwe e-Sahara Park Willowmoore e-Benoni waya ePitoli ekuqaleni kwesonto.

Powerade South Africa A four-day team: Aiden Markram (Multiply Titans, capt), Stephen Cook (bizhub Highveld Lions), Junior Dala (Multiply Titans), Beuran Hendricks (bizhub Highveld Lions), Heinrich Klaasen (Multiply Titans), David Miller (VKB Knights), Duanne Olivier (VKB Knights), Dane Paterson (WSB Cape Cobras), Andile Phehlukwayo (Hollywoodbets Dolphins), Dane Piedt (WSB Cape Cobras), Omphile Ramela (bizhub Highveld Lions), Rudi Second (VKB Knights), Jason Smith (WSB Cape Cobras), Shaun von Berg (Multiply Titans), Khaya Zondo (Hollywoodbets Dolphins).