-Iyer ongaphumile ushayele i-India A ukunqoba i-tri-series

PRETORIA, SOUTH AFRICA - AUGUST 08: The Indian team pose for photos after winning the Tri-angular Series final between South Africa A and India A at Assupol Tuks Oval on August 08, 2017 in Pretoria, South Africa. (Photo by Sydney Seshibedi/Gallo Images)

PRETORIA, SOUTH AFRICA - AUGUST 08: The Indian team pose for photos after winning the Tri-angular Series final between South Africa A and India A at Assupol Tuks Oval on August 08, 2017 in Pretoria, South Africa. (Photo by Sydney Seshibedi/Gallo Images)

u-Shreyas Iyer ushaye ama-runs angu-140 emabholeni angu-131 ukuhola i-India A ekunqobeni ngama-wicket ayisikhombisa bedlala ne-Powerade South Africa A kwi-final ye-Cricket South Africa (CSA) One-Day Triangular Series e-Assupol Tuks Oval ePitoli ngoLwesibili.

Lomdlali oneminyaka engu-22 ushaye o-four abangu-11 no-six abane ukusiza iqembu lakhe lifinyelele kumphumela we-South Africa ongu-268 kuma-overs angu-46.5. Izivakashi, ezinqobe i-toss zathi iqembu lasekhaya alishaye kuqala libe nama-partnership ayikhulu amabili ukubasiza baphumelele. i-partnership yama-runs angu-141 nge-wicket yesithathu phakathi kwa-Iyer no-Vijay Shankar (72 off 86 balls) kanye ne-partnership engaphuliwe yama-runs angu-109 nokapteni, u-Manish Pandey (32 off 38 balls) bekwanele.

Abashayayo bahlulekile ukuthola ama-wicket, u-Junior Dala (2/49) uthole amabili kuma-over okuqala amahlanu, ekhipha abavulayo u-Karun Nair no-Sanju Samson ngo-4 no-12 ngokulandelana kwabo. u-Duanne Pretorius (1/51) uthole i-wicket ka-Shankar kwi-over yesi-35.

Iqembu lasekhaya elokuqala ukuvuma ukuthi lishodelwe ama-runs angu-20 kumphumela ozoletha umqhudelwano, kodwa lokho akususi lutho ekushayeni kwa-Farhaan Behardien, othole ikhulu kwi-South Africa, ama-runs angu-101 engaphumile emabholeni angu-114 (4 fours, 3 sixes). Abaqalanga kahle, balahlekelwa u-Reeza Hendricks, u-Henry Davids no-Heinrich Klassen ngo-5, 20 no-6 ngokulandelana kwabo kuma-overs okuqala ayisishagalolunye emdlalweni.

u-Khaya Zondo no-Behardien bathulise izinto kwi-innings, bahlanganisa ama-runs angu-80 nge-wicket yesithathu ngaphambi kokuthi ukapteni aphume enama-runs angu-39 (61 balls) nge-over yesi-27. i-run out eno-Wiaan Mulder (1) ayibathathazelisanga njengoba u-Behardien no-Pretorius (58) bahlanganise i-partnership yama-runs angu-101 ukulimisa kahle iqembu lasekhaya. u-Aaron Phangiso no-Dane Paterson nabo badlale kahle ngokushaya, bashaya ama-runs angu-11 emabholeni angu-8 kanye no-14 emabholeni angu-4 ngokulandelana kwabo, ukuyiqeda kahle i-innings.

Odlalela i-India u-Shardul Thakur no-Siddarth Kaul baphose kahle, bathatha u-3/52 no-2/55 ngokulandelana kwabo ukumisa iqembu lasekhaya ku-267/7 ekugcineni.

Womabili amaqembu athatha ikhefu yezinsuku ezine ngaphambi kokuthi bahalangane e-Benoni kwimidlalo emibili yokuqala yezinsuku ezine ezoqala ngoMgqibelo, 12 August.

Powerade South Africa A one-day team:
Khaya Zondo (Hollywoodbets Dolphins, capt), Reeza Hendricks (bizhub Highveld Lions), Henry Davids (Multiply Titans), Heinrich Klaasen (Multiply Titans, wk), Farhaan Behardien (Multiply Titans), Dwaine Pretorius (bizhub Highveld Lions), Beuran Hendricks (bizhub Highveld Lions), Aaron Phangiso (bizhub Highveld Lions), Dane Paterson (WSB Cape Cobras), Junior Dala (Multiply Titans), Wiaan Mulder (bizhub Highveld Lions).

Powerade South Africa A four-day team:
Aiden Markram (Multiply Titans, capt), Stephen Cook (bizhub Highveld Lions), Junior Dala (Multiply Titans), Beuran Hendricks (bizhub Highveld Lions), Heinrich Klaasen (Multiply Titans), David Miller (VKB Knights), Duanne Olivier (VKB Knights), Dane Paterson (WSB Cape Cobras), Andile Phehlukwayo (Hollywoodbets Dolphins), Dane Piedt (WSB Cape Cobras), Omphile Ramela (bizhub Highveld Lions), Rudi Second (VKB Knights), Jason Smith (WSB Cape Cobras), Shaun von Berg (Multiply Titans), Khaya Zondo (Hollywoodbets Dolphins).