u-Zondo no-Conrad babheke kwi-final enzima

Khaya Zondo

Khaya Zondo

Ukapteni we-Powerade South Africa A, u-Khaya Zondo ulindele umqhudelwano we-final onzima we-One-Day Triangular Series bedlala ne-India A uma bebhekana e-Assupol Tuks Oval ePitoli ngoLwesibili.

Womabili amaqembu ahlangana kabili emidlalweni yesixuku kumqhudelwano, obekubalwa khona i-Afghanistan A, iqembu lasekhaya linqoba umdlalo wokuqala ngama-wicket amabili futhi izivakashi zinqoba nge-wicket eyodwa kumdlalo wesibili.

Bobabili baphinde bahlula i-Afghanistan kabili, okubashiye bobabili belindele ukulwela indebe futhi u-Zondo uyavuma ukuthi kusondelene.

“i-final izobe imnandi,” kusho u-Zondo. “i-India ineqembu eliqinile, ngakho kuzoba umdlalo omuhle. Okwamanje u-1-1 kwi-series, ngakho kuzobamnandi lapha ngoLwesibili. Sithemba ukuthi singanqoba futhi kuzoba u-2-1, sithole ne-series.”

Ukunqoba kathathu ku-Zondo kanye neqembu lakhe banqobe ngama-bonus point futhi ukapteni ukholwa ukuthi bajabulele umqhudelwano okwamanje.

“Senzekahle uma sikhuluma ngokunqoba kathathu ngama-bonus point,” esho enezezela. “Sihlulwe emdlalweni owodwa futhi kwaba kwi-over yokugcina, ngakho ngijabulile ngemidlalo yethu.”

Bese, umqeqeshi u-Shukri Conrad ufuna abadlali baqhubeke nezinhlelo zomdlalo beya kwi-final.

“Kumele siqhubeke sikholelwe kulokho esikwenzayo,” esho echaza. “Ngicabanga ukuthi kujwayelekile ukuthi uma amaqembu engena kwi-final, siyazama futhi sishintshe indlela esidlala ngayo futhi sizame siziqoqe. Asidlali izimo ngendlela okudingeka ukuthi zidlalwe ngayo ngicabanga ukuthi lokho kumele kushintshe.”

“Kumele singene ngendlela efanayo futhi sizame kanye nokulwa ngendlela esenza ngayo izinto.”

Indawo eyodwa lapho u-Conrad angathanda ukubona benza kangcono isekushayeni, obekushintshashintsha. Ukuphosa kona bekuncomeka njengoba umqeqeshi efuna umdlalo ophelele kubadlali bakhe.

Unezezela wathi: “Ukuphosa bekukuhle okwamanje futhi ngathi lokho kungaqhubeka. Kusibekele kahle izinto.”

“Ngasekushayeni, saqala kahle, kodwa hayi okuphelele. Ngethemba singakushintsha lokho kuphelele kusasa.”

Umdlalo uzovezwa ku-SuperSport 8 futhi izovezwa naku-www.cricket.co.za kusukela ku-09:15.

Powerade South Africa A team:
Khaya Zondo (Hollywoodbets Dolphins, capt), Reeza Hendricks (bizhub Highveld Lions), Henry Davids (Multiply Titans), Heinrich Klaasen (Multiply Titans, wk), Farhaan Behardien (Multiply Titans), Dwaine Pretorius (bizhub Highveld Lions), Beuran Hendricks (bizhub Highveld Lions), Aaron Phangiso (bizhub Highveld Lions), Dane Paterson (WSB Cape Cobras), Junior Dala (Multiply Titans).