-Moeen Ali uphosela i-England ukuthi inqobe i-series

MANCHESTER, ENGLAND - AUGUST 7 : Moeen Ali of England celebrates after dismissing Theunis de Bruyn of South Africa during the fourth day of the 4th Investec Test match between England and South Africa at Old Trafford cricket ground on August 7, 2017 in Manchester, England. (Photo by Philip Brown/Getty Images)

MANCHESTER, ENGLAND - AUGUST 7 : Moeen Ali of England celebrates after dismissing Theunis de Bruyn of South Africa during the fourth day of the 4th Investec Test match between England and South Africa at Old Trafford cricket ground on August 7, 2017 in Manchester, England. (Photo by Philip Brown/Getty Images)

u-Moeen Ali uqede umdlalo omuhle ngokuphelele kanye ne-series njengoba eqede umoya kubadlali abashaya phakathi nendawo nasekugcineni kuma-Standard Bank Proteas ukuhlanganisela i-England okunye ukunqoba – ngama-runs angu-177 – kumdlalo wokugcina we-Test ophele e-Old Trafford e-London ngoMsombuluko.

Umphumela unike i-England ukunqoba i-series ngo-3-1 futhi bahlula i-South Africa okokuqala kwi-series yama-Test ekhaya kusukela ngo-1998.

u-Moeen uthole enye i-five-wicket haul kwi-series ukuqeda njengomdlali othole ama-wicket amaningi angu-25 – amahlanu angcono kuno-Jimmy Anderson – nge-average engu-25.64 kanye nama-runs angu-252 awahlanganise nge-average engu-36.

u-Hashim Amla no-Faf du Plessis ngasekuqaleni bebehlanganise i-partnership yekhulu yesine kuma-Proteas kwi-series ukuletha ithemba lokuthi ama-Proteas alwile. Kodwa u-Moeen uthathe ama-wicket amathathu emabholeni angu-11 ngokushesha emva kwekhefu letiye, waqala ngo-Amla (83 off 159 balls, 13 fours, 1 six) njengoba ama-Proteas asuke ku-163/3 afika ku-173/6. u-Du Plessis (61 off 85 balls, 8 fours) ulandele emabholeni angu-10 futhi i-England ayibanga nankinga ekukhipheni umsila.

u-Moeen uqede umdlalo ngokuthola ama-wicket amabili emabholeni amabili futhi ebengaba kwi-hat trick okwesibili uma bekukhona osele ozoshaya.

Kube i-series exakile kubadlali abashayayo kuwona womabili amaqembu kukhona amakhulu amathathu kuphela futhi i-England ingaphezulu ngokushaya ngoba ama-Proteas ahlulekile ukunqaka.

Ama-Proteas anamakhono kodwa iqembu elingenaso isipiliyoni njengoba engekho u-AB de Villiers no-Dale Steyn, ukulahlekelwa i-form ka-JP Duminy kanye nokulimala nempilo ka-Vernon Philander.

Abadlali abasha bahlulekile ukushaya ngaphansi kwesimo sase-England esikhonze i-seam futhi okuningi kuqhamuke ngasekuphoseni, u-Morne Morkel ehamba phambili ngokuthatha ama-wicket kuma-Proteas, u-Keshav Maharaj ngokucacisa ngokukhula kwakhe njengophosa i-spin ezweni kanye no-Duanne Olivier oveze ukuthi uyashesha ukufunda.

Iqembu elivakashile libe nebhadi, u-Du Plessis ephuthelwa i-Test yokuqala, u-Kagiso Rabada ephuthelwa eyesibili kanye no-Philander ephuthelwa eyokugcina. Bebengaqinile ngokuphele kuyona yonke imidlalo kwi-series.

u-Moeen uqokwe njenge-Man of the Match, u-Morkel waba i-Man of the Series kwi-South Africa futhi u-Moeen waba i-Man of the Series kwi-England.