Ama-Proteas ahlala egxilile ekuqedeni kahle uhambo

Standard bank Proteas bowler Keshav Maharaj

Standard bank Proteas bowler Keshav Maharaj


Umjikisi wenxele yama-Standard Bank Proteas, u-Keshav Maharaj, uthi iqembu lizogxila ekutholeni umphumela kumdlalo wesine we-Test bedlala ne-England e-Old Trafford, naso isimo sezulu kanye nokuphela kwe-tour kusondela. Ama-Proteas azobe ebhekene nenye inselele ekuqedeni i-tour, omphumela werekhodi lomjaho we-innings yesine e-Manchester.

Abashayayo banethuba lokugcina ukudlala kahle emuva kwemiphumela ephoxayo kwi-series, umgqugquzelo owanele kubadlali abaphezulu.

“Sifuna ukudlala,” esho emuva komdlalo ngosuku lwesithathu eliphazanyiswe imvula. “Sifuna ukuzama futhi sinqobe nokuzithemba kanye nokulinganisa i-series. Noma yini ebekwa i-England, sikubhekile. Yebo, asiwahlanganisanga ama-runs amaningi njengabashayayo kanye neqembu, kodwa lokho kungaphulwa. Kungabangcono kusukela lapha futhi ngathi kungaba kulomdlalo.”

“Amaqembu amaningi ayafika kulesisimo,” ekhuluma ngokusondela ekuphindeleni ekhaya. “Sakhuluma ngakho ngaphambi komdlalo kodwa sesihlale isikhathi eside ngaphandle kwasekhaya, isonto elilodwa senze esikuthandayo ngaphambi komhlaba. Asikunakile lokho, sibheke umsebenzi njengoba kusele izinsuku ezincane.”

i-England ingaphambili ngama-runs angu-360 kusele ama-wicket amabili, i-innings ekhushulwe u-Moeen Ali, ongaphumile ku-67. Abaphosela ama-Proteas badlale ngokulwa ukubeka iqembu lasekhaya ku-224/8, umphumela obuzobamncane ukube u-Ali akaphunyukanga eku-15.

“Ukudedela ukunqaka akusizi,” esho evuma u-Maharaj. “Ngokusho lokho, kumele kutholwe ama-runs. Sithemba ukuthi abashayayo bangahlangana njengeqembu futhi bajahe lokho esikubekelwe i-England.”

“Ikhilikithi umdlalo ohlekisayo,” esho eqhubeka. “Udedela ukunqaka futhi uthathe amanye. Akekho umuntu okhetha ukudedela ukunqaka, uhamba kanjalo umdlalo. u-Moeen uthathe ithuba lakhe kodwa kwazi ubani, uma bengayithathi i-declaration ebusuku mhlawumbe singabuya futhi sithole ama-wicket asheshayo kanye nokujaha umphumela omncane.”

u-Maharaj uthi u-Heino Kuhn, ohlushwa i-hamstring, uzobe elungele ukushaya futhi uzimisele ekuqedeni i-tour kahle. Umdlalo uzoqala ngo-11h00 kubekwe ama-overs angu-98 ukuthi adlalwe ngosuku lwesine.