SA ‘A’ edlale ngokuphelele ithole ukunqoba ngenye i-bonus point

PRETORIA, SOUTH AFRICA - AUGUST 05: SA A celebrate with Aaron Phangiso during the 6th 1 Day Tri-angular Series match between South Africa A and Afghanistan A at Assupol Tuks Oval on August 05, 2017 in Pretoria, South Africa. (Photo by Johan Rynners/Gallo Images)

PRETORIA, SOUTH AFRICA - AUGUST 05: SA A celebrate with Aaron Phangiso during the 6th 1 Day Tri-angular Series match between South Africa A and Afghanistan A at Assupol Tuks Oval on August 05, 2017 in Pretoria, South Africa. (Photo by Johan Rynners/Gallo Images)

Umdlalo onamandla, ohlangene weqembu le-Powerade South Africa A libabone behamba nokunqoba nge-bonus point okwesithathu njengoba behlule i-Afghanistan A kumdlalo wokugcina wesixuku kwi-One-Day Triangular Series e-Assupol Tuks Oval ngoMgqibelo.

u-Aaron Phangiso uhole abaphosayo, wathola u-3/39 ukusiza ukubeka izivakashi ku-202/9 emuva kokubashayisa kuqala. Ovula umdlalo u-Usman Ghani uthole ama-runs amaningi angu-54 emabholeni angu-65 (6 fours, 2 sixes), kwathi u-Rahmat Shah no-Najibullah Zadran bathola u-32 no-28 ngokulandelana kwabo.

u-Junior Dala (2/42) naye udlale indima ngebhola, wathola ama-wicket amabili ekuhambeni kweqembu ukuyonqoba.

u-Reeza Hendricks no-Henry Davids bakuqale kahle ukushaya kweqembu lasekhaya nge-partnership yama-runs angu-88 ngaphambi kokuthi u-Davids aphume eno-41 kwi-over yesi-14. u-Hendricks uqhubekile washaya u-76 emabholeni alinganayo (7 fours, 1 six) ngaphambi kokuthi u-Shah (2/44) ahlasele, wamukhipha nge-over yesi-26. Besekusalele ukapteni, u-Khaya Zondo no-Farhaan Behardien abangaphumanga nama-runs angu-32 no-30 ngokulandelana kwabo ukunqobisa iqembu labo ekugcineni.

i-South Africa izodlala ne-India A kwi-final ngoLwesibili, 8 August enkundleni efanayo. Umdlalo uzovezwa ku-SuperSport 8.

Powerade South Africa A team:

Khaya Zondo (Hollywoodbets Dolphins, capt), Reeza Hendricks (bizhub Highveld Lions), Henry Davids (Multiply Titans), Heinrich Klaasen (Multiply Titans, wk), Farhaan Behardien (Multiply Titans), Dwaine Pretorius (bizhub Highveld Lions), Beuran Hendricks (bizhub Highveld Lions), Aaron Phangiso (bizhub Highveld Lions), Dane Paterson (WSB Cape Cobras), Junior Dala (Multiply Titans).