u-Markram uzohola i-SA A kwi-series yezinsuku ezine bedlala ne-India A

Aiden Markram.

Aiden Markram.

u-Aiden Markram uzohola iqembu le-SA A kwimidlalo yabo embili yezinsuku ezine bedlala ne-India A ngasekupheleni kwalenyanga.

u-Markram use-England neqembu lama-Standard Bank Proteas. Iqembu elizodlala ne-India A kubalwa khona abadlali ababili beqembu lama-Test, okwenza konke u-Andile Phehlukwayo nophosa ngokushesha u-Duanne Olivier.

u-Stephen Cook naye ubuyela eqenjini le-SA A.

Umdlali omusha kulesigaba i-leg spinner kuma-Multiply Titans, u-Shaun von Berg.

“Ibalulekile le-series emuva komdlalo ophoxile we-Test kudlalwa ne-England Lions ekuqaleni kwalonyaka,” kuphawula okhethayo we-Cricket South Africa (CSA) u-Linda Zondi. “Ithuba elihle leli kubadlali ukuveza ukuthi bangenzani ngaphansi kwesimo abasazi kahle bedlala neqembu elivivinyayo.”

SA A squad: Aiden Markram (Multiply Titans, capt), Stephen Cook (bizhub Highveld Lions), Junior Dala (Multiply Titans), Beuran Hendricks (bizhub Highveld Lions), Heinrich Klaasen (Multiply Titans), David Miller (VKB Knights), Duanne Olivier (VKB Knights), Dane Paterson (WSB Cape Cobras), Andile Phehlukwayo (Hollywoodbets Dolphins), Dane Piedt (WSB Cape Cobras), Omphile Ramela (bizhub Highveld Lions), Rudi Second (VKB Knights), Jason Smith (WSB Cape Cobras), Shaun von Berg (Multiply Titans), Khaya Zondo (Hollywoodbets Dolphins)