Maharaj uhamba phambili ekubekeni i-England phansi

Keshav Maharaj of South Africa

Keshav Maharaj of South Africa

u-Keshav Maharaj ufike ne-glue eyenze iqembu lama-Standard Bank Proteas eliphosayo elingenaso isipiliyoni ukugcina i-England phansi ngosuku lokuqala lomdlalo we-Test wesine e-Old Trafford e-London ngoLwesihlanu.

Njengoba u-Vernon Philander no-Chris Morris bengadlali ngokulimala imihlane, ama-Proteas ebephoqelekile ukuhlasela ngabadlali abane njengoba benza kumdlalo we-Test wokuqala no-Theunis de Bruyn no-Duanne Olivier bethatha izikhala zabo.

Lokhu kwenze kwacaca ukuthi u-Maharaj uzothwala kanzima kunokujwayelekile ngosuku lokuqala lwe-Test ukuze u-Faf du Plessis akwazi ukujikisa ama-seamers akhe. Futhi iphendule kahle i-spinner, ekhipha ama-runs amabili nge-over kuma-overs akhe angu-29 kanye nokuthola i-wicket ka-Alastair Cook.

u-Maharaj akayona i-spinner efakiwe ehamba phambili kuma-Proteas esikhathini eside kodwa naye uzibeka njenge-spinner esihamba phambili emhlabeni okwamanje. Izibalo zakhe kulonyaka zicishe zifane nezo-Ashwin, u-Jadeja no-Herath futhi une-strike rate esihamba phambili kunabo bonke.

Impumelelo ka-Maharaj uvumele ukuthi u-Du Plessis agcine abafana bakhe abasheshayo bahlale bebasha futhi lokhu kucacile ngesikhathi kufika ibhola elisha lesibili. u-Morne Morkel, ngathi uyena ophose kahle kulaba abasheshayo, kube kubi ukuthi akayitholanga i-wicket ka-Ben Stokes ngesikhathi ethola i-edge esikhaleni se-slip sesithathu kodwa u-Kagiso Rabada umkhiphile lomdlali oshaya ngesandle sesinxele nge-Yorker.

u-Olivier udlale kangcono kakhulu kunomdlalo wakhe odlulile e-Trent Bridge nokho ebebiza kodwa uthole ama-wicket amabili okubalwa no-Joe Root khona.

Lokhu kushiye i-England ku-260/6 ekupheleni kosuku u-Jonny Bairstow esadlala, kusazongena u-Moeen Ali kumdlali oshayayo.

Kunzima ukusho ukuthi iliphi iqembu elingaphezulu okwamanje. Ama-Proteas azokujabulela ukuthatha ama-wicket ayisithupha kanye nokugcina i-run rate ye-England ngaphansi kwa-3 usuku lonke, behluliwe kwi-toss, futhi i-England imikahle, njengoba bekumele ishaye kwi-session enzima yasekuseni baphinda futhi uma sekuphume ibhola lesibili elisha.

Njengenjwayelo, umuntu kuzomele alinde aze ashaye womabili amaqembu ukwazi ukuthi iliphi iqembu elizohamba phambili.

Ukuthi i-England ibeno-50 bama-partnership amathathu kanye namanye amabili ama-runs angu-35 noma adlulile kusho kuveze ubunzima abashayayo abamele badlule kukho ukuze athole ama-runs futhi nokuthi abaphosayo bebekhona sonke isikhathi.

u-Quinton de Kock ufike nezibalo ezinhle osukwini ngokufika ekukhipheni abantu abayikhulu ngokunqaka kuma-Test, nge-Test yakhe yesi-23, okulingene nokwesibili okusheshile. Okwamanje usekhiphe abangu-44 kulonyaka uwodwa okuphindwe kabili kunabanye.

Uma kucatshangwa, leli iqembu elincane ngeminyaka kwi-South Africa elidlalayo esikhathini eside. Bane kuphela abadllai abadlulile eminyakeni engu-30, okusho ukuthi basakhona abadlali abalungile abasha abangenzayo e-South Africa kuma-domestic.