India A ihlula i-South Africa A kumdlalo we-tri-series

PRETORIA, SOUTH AFRICA - AUGUST 03: Manish Pandey during the 5th 1 Day Tri-angular Series match between South Africa A and India A at Assupol Tuks Oval on August 03, 2017 in Pretoria, South Africa. (Photo by Johan Rynners/Gallo Images)

PRETORIA, SOUTH AFRICA - AUGUST 03: Manish Pandey during the 5th 1 Day Tri-angular Series match between South Africa A and India A at Assupol Tuks Oval on August 03, 2017 in Pretoria, South Africa. (Photo by Johan Rynners/Gallo Images)

Iqembu le-Powerade South Africa A lihlangana ne-India A okwesibili kuphele kanzima, njengoba i-India igcine ngokunqoba nge-wicket eyodwa kumdlalo wesihlanu kwi-Obe-Day Triangular Series e-Assupol Tuks Oval ePitoli ngoLwesine.

Iqembu lasekhaya lihlanganise ama-uns angu-266 kuma-overs angu-48.2, kubongwa i-innings encomekayo ephuma ku-Heinrich Klaasen ohlanganise ama-runs angu-127 emabholeni angu-108 emuva kokuthi bashaye kuqala. I-innings ikhiphe iqembu lasekhaya enkingeni, emuva kokuthi lizithole ku-20-3 kuma-overs ayisithupha, ino-four abangu-12 no-six abathathu.

i-South Africa ilahlekelwe u-Henry Davids (14), u-Jason Smith (4) no-Reeza Hendricks (1) kalula ngesikhathi u-Klaasen ehlangana nokapteni, uKhaya Zondo. Bobabili bahlanganise ama-runs angu-43 nge-wicket yesine ngaphambi kokuthi ukapteni ahlulwe ibhola elihle eliphume ku-Siddarth Kaul (3/41) ngokuqala kwe-over yesi-13. Umdlali ovimbayo aphinde ashaye akakuvumelanga lokhu ukuthi kumphazamise kodwa, uhole i-partnership yakhe elandelayo no-Dwaine Pretorius (17) njengoba behlanganise ama-runs angu-63 nge-wicket yesihlanu, kodwa kube ama-runs angu-111 emabholeni angu-118 awahlanganisile nge-wicket yesithupha no-Wiaan Mulder (66) okwenze umehluko.

Lomdlali oneminyaka engu-19 uhambisane kahle no-Klaasen njengoba beshaye kahle behlaselwa i-India. Udlale ngesimilo njengoba u-Klaasen ebedlala nolaka ngaphambi kokuthi u-Krunal Pandya (1/44) emukhipha, eqeda uhambo lomdlali othole ikhulu. Emuva kwalokho, u-Aaron Phangiso no-Junior Dala bahlanganise ama-runs ayisithupha nelilodwa ngokulandelana kwabo njengoba u-Kaul no-Shardul Thakur (4/35) beqeda ngabadllai abashayayo.

u-Manish Pandey no-Sanju Samson bathole ama-runs amaningi kwi-India bephendula umphumela we-South Africa. u-Pandey akaphumanga nama-runs angu-93 emabholeni angu-85 (5 fours, 2 sixes) kwathi u-Samson washaya ama-runs angu-68 (90 balls) ngaphezulu kwe-innings, okunike izivakashi ukuqala okuqinile njengoba bebefuna ukunqoba. Abanye abadlale indima kube u-Pandya (25) no-Rishabh Pant (20), kodwa uhambo lwabo luqedwe abaphosayo, beholwa u-Tabraiz Shamsi (3/55) no-Dala (3/56).

Ama-wicket asekugcineni kuma-overs ayisithupha kuqede ngo-Yuzvendra Chahal (17), u-Pandya no-Kaul (0), kodwa u-Pandey ubekezelile nokho ebenenkwantshu futhi, eno-Mohammed Siraj (2*), bahole iqembu labo ekunqobeni kusele amabhola amabili.

Umdlalo wokugcina weqembu lasekhaya bazowudlala ne-Afghanistan A ngoMgqibelo, 5 August enkundleni efanayo ngaphambi kokuthi baphinde babhekane ne-India kwi-final ngoLwesibili, 8 August.
Yonke imidlalo izovezwa ku-www.cricket.co.za.

Powerade South Africa A team:
Khaya Zondo (Hollywoodbets Dolphins, capt), Reeza Hendricks (bizhub Highveld Lions), Henry Davids (Multiply Titans), Heinrich Klaasen (Multiply Titans, wk), Farhaan Behardien (Multiply Titans), Dwaine Pretorius (bizhub Highveld Lions), Beuran Hendricks (bizhub Highveld Lions), Aaron Phangiso (bizhub Highveld Lions), Dane Paterson (WSB Cape Cobras), Junior Dala (Multiply Titans).