Ama-Proteas azimisele ekugcineni irekhodi elincomekayo

Standard Bank Proteas batsman Faf du Plessis

Standard Bank Proteas batsman Faf du Plessis

Ukugcina irekhodi langaphandle kuzogqugquzela ama-Standard Bank Proteas emdlalweni wesine we-Test bedlala ne-England ozoqala e-Old Trafford ngoLwesihlanu. Ama-Proteas ahlulwa kwi-series eyodwa ngaphandle kwasekhaya - bedlala e-India ngo-2015 - kusukela ngo-2006, irekhodi elincomekayo bazofuna ukulikhulisa.

Ukuhlulwa kuzophinde kuqede uhambo lokunqoba ama-series amane elandelana kule-season, ukungahlulwa kukhanyiswe ukunqoba kudlalwa ne-Ne Zealand (ekhaya nangaphandle), i-Australia ne-Sri Lanka. Nokho ukunqoba kuhamba phambili, u-Faf du Plessis uyavuma ukuthi i-series ephele ngokulingana nayo izokwamukeleka njengoba i-England ibinamandla kwisimo sasekhaya.

“Ukufika e-England nokulingana kwi-series akukubi,” kuchaza u-Du Plessis ezintathelini e-Manchester ngoLwesine. “i-England iqembu elihamba phambili futhi ukulingana nabo kwi-series kuzobaluleka kithina. Sinerekhodi esiziqhenya ngalo sidlala ngaphandle eminyakeni eyisishagalombili kuhle futhi njengeqembu sigqugquzeleke ukunciphisa ukuhlulwa.”

i-Old Trafford kwakuyinkundla ka-Du Plessis, indawo lapha adlala khona iminyaka embili edlalela i-Lancashire County Cricket Club njengomdlali we-Kolpak. Uthi isikhathi sakhe lapha samunika isikhonkwana kanye nesipiliyoni asamenza umdlali anguyena namhlanje.

“Izolo, sishayela siya enkundleni, bekumnandi ukubuya lapha,” kusho u-Du Plessis. “Ngiyabonga ngesikhathi sami e-Lancashire, ngizwa sengathi kwadlala indima enkulu kuhambo lami ukuze ngibe lapha namhlanje. Bekukuhle ukubona abantu abasebenza lapha, basangikhumbula futhi nami ngiyabakhumbula. Ngigqugquzekile ukudlala kahle ezinsukwini ezinhlanu enkundleni yami yasekhaya. Kuhle futhi ukubona isimo sezulu sisafana, kodwa ukuhamba kwamanzi kulungile lapha.”

u-Vernon Philander uhlushwa ukuqina komhlani, futhi uzobhekwa kugcina ukubona ukuthi uzokwazi yini ukudlala emdlalweni. Isinqomo ngokuthi uzodlala sizothathwa ngoLwesihlanu ekuseni.

“u-Vernon uzobhekwa namhlanje, unomhlani oqinile, kodwa ngathi uzolulama,” kusho u-Du Plessis. “Uma u-Vernon eluleme ngo-100% kusho izinto eziningi. Kusho ukuthi singabheka ukudlala nama-seamers amathathu ngoba awufuni ukuzithola endaweni lapho uma kulimala i-seamer eyodwa, uzoba nama-seamer amabili, lokho kungaqeda umdlalo we-Test.”