u-Philander ubeka isonto ‘elinzima’ emuva kwakhe

Standard Bank Proteas bowler Vernon Philander

Standard Bank Proteas bowler Vernon Philander

Ophosela ama-Standard Bank Proteas, u-Vernon Philander, uthi ubheke ukubeka isonto ‘elinzima’ emuva kwakhe njengoba elungiselela umdlalo we-Test yesine bedlala ne-England ozoqala e-Old Trafford e-Manchester ngoLwesihlanu. u-Philander ululeme kwi-viral infection eyaphazamisa umdlalo wakhe e-The Oval, lapho ubunzima bakhe kanye nokulawula kwakukhunjulwa kwisimo esimuthandayo.

Kusho okuningi ngezinga lakhe njengoba wayekwazi ukuthola ama-wicket amabili njengoba aphosa ama-overs angu-32 emdlalweni, athe aphoswe ngezinga eliphakathi ‘kwa-70-80’.

“Kubenzima kakhulu njengoba ngaphosa emuva kokulahlekelwa amanzi emzimbeni,” echaza emuva kokuthi iqembu lizilolonge e-Old Trafford ngoLwesithathu. “Ngalahlekelwa amanzi amaningi ngaphezulu nangezansi. Ubusuku esibhedlela, ngifakwe i-drip, kwabuyisela amandla kodwa kwabuya futhi ngosuku olulandelayo. Kukho konke, sengingcono, nginamandla futhi ngizinonge ngamanzi amaningi.”

Ama-Proteas kuzomele adlale umdlalo wokulinganisa i-series ukutakula i-tour enzima, futhi ukubuya kwa-Philander, kwisimo sezulu esiguqubele, umfutho odingekayo. Uyavuma ukuthi iqembu libheke amaphutha amaningi eliwenzile lihlulwa ngama-runs angu-239, futhi bazobe bebheke ukugcina isikhathi eside sokungaguquguquki ukufaka iqembu lasekhaya ngaphansi kwencindezi.

“Kudlalelwa yonke into,” ekhuluma nge-series. “Siziphoxile futhi kuningi okudlalelwayo. Ibiphansi phezulu le-series, kanye nokunqoba nokuhlulwa. Abafana bakulungele lokhu, sesikhulumile kabanzi kodwa abadlali bazothatha imidlalo yabo futhi ilungisele umdlalo olandelayo.”

“Sinomgomo weqiniso eqenjini,” esho echaza. “Sonke sivumile ukuthi akubanga umdlalo wethu we-Test omuhle. Njengabadlali, siyayithatha imidlalo yethu. Siziphoxile ngokushaya kwi-innings yokuqala, futhi sikhulume iqiniso ngakho. Sikubhekile ukulungisa amaphutha ethu kulomdlalo futhi sithemba ukulinganisa i-series.”



Standard Bank Proteas Test squad: Faf du Plessis (Multiply Titans, capt), Hashim Amla (WSB Cape Cobras), Temba Bavuma (WSB Cape Cobras), Theunis de Bruyn (VKB Knights), Quinton de Kock (Multiply Titans), Dean Elgar (Multiply Titans), Heino Kuhn (Multiply Titans), Keshav Maharaj (Hollywoodbets Dolphins), Aiden Markram (Multiply Titans), Morne Morkel (Multiply Titans), Chris Morris (Multiply Titans), Duanne Olivier (VKB Knights), Andile Phehlukwayo (Hollywoodbets Dolphins), Vernon Philander (WSB Cape Cobras), Kagiso Rabada (bizhub Highveld Lions).