i-CSA ihalalisela amaProteas amathathu ngokufakwa eqenjini le-ICC WWC

Laura Wolvaardt

Laura Wolvaardt

i-Cricket South Africa (CSA) isihalalisele amalunga amathathu eMomentum Proteas esifazane – u-Dane van Niekerk, u-Laura Wolvaardt no-Marizanne Kapp – ngokufakwa kwiqembu lomqhudelwano we-ICC Women’s World Cup 2017.

Iqembu le-ICC Women’s World Cup 2017 likhethwe abantu abahlanu okubalwa khona u-Geoff Allardice (ICC General Manager – Cricket, and Chairman Event Technical Committee), owayephosela i-West Indies u-Ian Bishop, owayengukapteni we-England u-Charlotte Edwards, owayedlalela i-India waphenduka intatheli u-Snehal Pradhan nowayekwenza konke kwi-Australia u-Lisa Sthalekar.

“Okunye okuhle okutholwe amantombazane ethu,” kuphawula i-CSA Chief Executive, u-Haroon Lorgat, “Kuyaveza ukuthi kungakanani ukukhula esikujabulelayo futhi okokuqala siba nabadlali abangaka eqenjini labangu-11. Asikho isidingo sokusho ukuthi ukukhethwa kwabo kubafanele. U-Dane (15) no-Marizanne (13) bathole ama-wicket amaningi kumqhudelwano, nokho bedlale imidlalo emibili emincane kunabanye, kwathi u-Laura wathola ama-runs adlulile ku-300 futhi wathola i-average yesihlanu enhle – u-64.80 oncomekayo – eneminyaka engu-18.”

“i-England kuphela, ompetha, abathole abadlali abaningi kulaba abangu-11.”

“Sibahalalisela bonke ngokukhethwa eqenjini lomhlaba okuyinto enhle. Nginesiqiniseko sokuthi lokhu kuzogqugquzela iqembu ngaphambilini,” esho evala u-Mr. u-Lorgat.

Team of the ICC Women’s World Cup 2017 (in batting order):

Tamsin Beaumont (England) – 410 runs

Laura Wolvaardt (South Africa) – 324 runs

Mithali Raj (captain) (India) – 409 runs

Ellyse Perry (Australia) – 404 runs and nine wickets

Sarah Taylor (wicketkeeper) (England) – 396 runs, four catches and two stumpings

Harmanpreet Kaur (India) – 359 runs and five wickets

Deepti Sharma (India) – 216 runs and 12 wickets

Marizanne Kapp (South Africa) – 13 wickets

Dane van Niekerk (South Africa) – 99 runs and 15 wickets

Anya Shrubsole (England) – 12 wickets

Alex Hartley (England) – 10 wickets

Natalie Sciver (12th) (England) – 369 runs and seven wickets